Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kunabathile abadukisa iNgonyama – amakhosi

Kunabathile abadukisa iNgonyama – amakhosi

by | 15 January 2025


IYASHUBA indaba yeNgonyama Trust njengoba amakhosi esethathe isinqumo sokusukuma, afune izimpendulo ngomsindo othinta le nhlangano eyengamele umhlaba waKwaZulu ongaphansi kwamakhosi.

NgoLwesine olwedlule eThekwini bekuhlangene amakhosi angosihlalo bezifunda ezehlukene, ukudingida ngale le nhlangano.

INkosi uSifiso Shinga, enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, ibikhona kulo mhlangano.

Uthombo weLANGA obukhona kulo mhlangano ulitshele ukuthi amakhosi asola abeluleki beNgonyama ukuthi yibona ‘abayidukisayo’. Kulo mhlangano kuthiwa amakhosi athathe isinqumo sokubhalela uNgqongqoshe uMzwanele Nyhontsho, wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya nokuHlelwa Kabusha kwemiHlaba.

Athathe nesinqumo sokuyobona iSilo, ukuthola ukuthi selulekwa ngubani.

“Kuyiqiniso besihlangene eThekwini siyodingida ngezindaba ezithinta isikhwama sethu. Umhlaba wamakhosi ngowethu kodwa sizwa kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ngawo.

“Akekho noyedwa ozihluphayo ngokuthi azosibikela ukuthi kwenzenjani,” kusho umthombo.

Omunye umthombo, nawo obukhona kulo mhlangano, utshele ILANGA ukuthi okunye okunenga amakhosi yindaba yabeluleki beSilo.

“Sikholwa wukuthi kabaseluleki ngendlela. Yonke le nto eyenzekayo isukela ekutheni abeluleki baso kabawulungele lo msebenzi. Uma ubuka, iSilo sixoshe amalungu ebhodi – lokho kukhomba ukuthi kasinalwazi ngokusebenza kwebhodi.

“Usihlalo webhodi akanawo amandla okuxosha amalungu ebhodi engazange axoxisane nawo. Usihlalo waphucwa amandla ngonyaka ka-1997, abuyiselwa kumalungu ebhodi.

“Kubukeka konke lokhu umeluleki engakwazi, sengathi yena usafunda umthetho omdala,” kusho umthombo.

INkosi uShinga itshele ILANGA ukuthi umhlangano ubukhona, kodwa yathi ngeke idalule ukuthi baxoxe ngani.

Nakuba sekunesikhathi iNgonyama Trust isematheni, umsindo wakamuva uqubuke ngesikhathi iSilo sizama ukuxosha amalungu ebhodi nezikhulu zale nhlangano. Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, u-Adv Vela Mgwengwe, sithe lo msindo uyophela mhla wonke amalungu ebhodi aba nolwazi ngokusebenza kwalo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...