Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kunconywa amaphoyisa ngokubopha ‘abatape impahla’ eHammarsdale

Kunconywa amaphoyisa ngokubopha ‘abatape impahla’ eHammarsdale

by | 30 June 2026

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli ushayele ihlombe amaphoyisa ngokubopha ngokushesha abasolwa abahlanu abagasele kwelinye lama-container, azitapela izimpahla elokishini laseMpumalanga eHammarsdale izolo ebusuku.

Ngokusho kwamaphoyisa, athole umbiko ngeqeqebane labantu abakhethe ukuhlangana bazitapele izimpahla kulesi sitolo esise-Unit 4, eWoody Glen, khona eHammarsdale. Amaphoyisa anikele kule ndawo ngokushesha afica omunye wabasolwa esengaphakathi kule container abe esemshaqa.

Aqhubekile nokujaha abanye abasolwa, agcina ngokubopha abahlanu sebebonke okubalwa kubo noneminyaka ewu-14 ubudala. UNtuli uwashayele ihlombe amaphoyisa ngokusebenza ngokushesha ukubopha laba basolwa.

UNtuli unxuse bonke abayingxenye yemibhikisho ezinkalweni ezahlukene neKwaZulu Natal ukuba baziphathe ngendlela efanele futhi baqinisekise ukuthi ukubhikisha kwabo kuhambisana nomthetho.

Khona manjalo iyaqhubeka imibhikisho emadolobheni ahlukene nezwe. Kuzokhumbuleka ukuthi le mibhikisho iqhamuka ngemuva kokubekwa kosuku lwangomhla ka-30 kuJune 2026 njengoluwumnqamulajuqu kwalabo abakuleli ngokungemthetho.

Lolu suku lwabekwa nguNkosikhona “Phakel’umthakathi” Ndabandaba ongomunye wabahola le mibhikisho ngaphansi kwenhlangano yakhe Insizwa nobuNsizwa, eyeseka iMarch And March eholwa nguJacinta Ngobese-Zuma.

NgoMsombuluko kusihlwa uMengameli Cyril Ramaphosa ubambe umhlangano noNdabandaba noNgizwe Mchunu ngenhloso yokuthi baqinisekise ukuthi imibhikisho yangoLwesibili izoba nokuthula futhi ayikho impahla ezolinyazwa.

Ezisematheni

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

UMISIWE emisebenzini yebandla omunye wabefundisi abanesikhundla esiphezulu eMethodist Church of Southern Africa, eyaziwa ngamaWeseli, ngemuva kokuboshwa, esolwa ngokudlwengulela endlini yesonto umfana (16) ahlangane naye enkundleni yabathungatha uthando (dating app)....

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...