Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ucetshwe kuNdunankulu umnikazi wepulazi ‘oyisiqhwaga’

Ucetshwe kuNdunankulu umnikazi wepulazi ‘oyisiqhwaga’

by | 4 February 2025

UCETSHWE kuNdunankulu uuMnu Thami Ntuli umnikazi wepulazi osephenduke isiqhwaga endaweni yaseMangweni eLoskop.

UNdunankulu ubebambe umhlangano nomphakathi eNatal Museum lapho bezokudingidwa khona ngamasu okunqanda ubugebengu obudlangile endaweni yaseMangweni namaphethelo.

Kulo mhlangano bekukhona namalungu omphakathi abesanda kuqeqeshelwa ukulwa nobugebengu esebenzisa ngokubambisana namaphoyisa.

Kuvele ukuthi budlangile ubugebengu obuphathelene nokwebiwa kwemfuyo endaweni yaseMangweni njengoba enye yayo intshontshwa ngokuhlanganyela nezigebengu eziqhamuka eLesotho.

Amalungu omphakathi athole ithuba lokuphakamisa ezinye zezikhalo zawo kundunankulu ukuze azisukumele ngenhloso yokunqanda ubugebengu.

Phakathi kwezinye zezikhalo uNtuli abikelwe zona kubalwa umnikazi wepulazi okuvele ukuthi useyiqedile imfuyo yamalungu omphakathi kanti useke wadubula futhi walimaza namalungu omphakathi kodwa angaboshwa.

Kuvele ukuthi lo mnikazi wepulazi uze aqhoshe ukuthi ngeke enziwe lutho njengoba esondelene nezikhulu zamaphoyisa futhi unemali eningi yokuqeda ngamacala avulelwa wona.

UMnu Fakazi Mkhonza oveze ukuthi uyinduna yenkosi yendawo utshele undunankulu ukuthi inkosi nesizwe sikhathazekile ngalo mnikazi wepulazi kwazise necala ake avulelwa lona laphelela emoyeni ngemuva konyaka liqulwa.

UMkhonza uveze ukuthi omunye umuntu wamlimaza ngomshini omkhulu wokugaya washonela khona endaweni nakhona akwenzekanga lutho.

“Njengoba unyaka qala nje khona asemdubulile okuyimanje ulwela impilo yakhe esibhedlela.

Uhamba ngesithuthuthu uma eke wabona izinja zethu noma imfuyo uyayidubula ayibulale,” kukhala uMkhonza enxusa undunankulu ukuthi alendelele ngalo mnikazi wepulazi.

UNtuli uthembise ukuthi uzolisukumela lolu daba njengoba ezonxusa inhloko yomnyango amlethele umbiko ogcwele ngokushesha.

Utshele umphakathi ukuthi akekho umuntu ongaphezulu komthetho noma ngabe unamalini noma unesikhundla esingakanani emphakathini.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...