Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

by | 13 October 2026

UMISIWE emisebenzini yebandla omunye wabefundisi abanesikhundla esiphezulu eMethodist Church of Southern Africa, eyaziwa ngamaWeseli, ngemuva kokuboshwa, esolwa ngokudlwengulela endlini yesonto umfana (16) ahlangane naye enkundleni yabathungatha uthando (dating app).

ILANGA lithole ukuthi lo mfundisi (esiligodlile igama lakhe), ophethe ihhovisi elikhulu lamaWeseli eMgungundlovu, uthweswe icala lokudlwengula umfana ongelona ilungu lebandla. UmBhishobhi omkhulu wamaWeseli, uMfundisi Pumla Nzimande, ukhiphe isitatimende ngokunikwa ikhefu kwalo mfundisi.

Isonto uthe alizithathi kancane lezi zinsolo ezibhekiswe kulo mfundisi, futhi liyawuqonda umonakalo wazo ebandleni nasemndeni wesisulu. Ngaleyo ndlela uthe kuphoqeleke ukuba lo mfundisi bamnike ikhefu, bese isekhethe yakhe ayiphethe igadwe ngumBhishobhi obheke isifunda. Uqhube wathi okwamanje akukho okunye azokusho kuze kube kuphothulwa uphenyo.

Isigameko kuthiwa senzeke endlini yesonto eMabopane, eGoli, emasontweni amabili edlule. Kuthiwa umfundisi ukhohlise lo mfana ngokuthi umuntu abekhuluma naye kule nkundla uzomfica la beya khona, ngoba embona exwaya ukuthi mdala ngesikhathi behlangana. Kuthiwa umfundisi ubezifihlile kule nkundla ukuthi uneminyaka ewu-54, wabhala ukuthi una-20. Nesisulu kuthiwa beshintshe iminyaka kuyona inkundla, saziveza njengomuntu oneminyaka ewu-19, ngaphambi kokuvumelana ngokuhlangana.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa ngesikhathi isisulu sihlangana nomfundisi endaweni ababevumelene ngayo, wasikhohlisa ngokuthi uthunywe yilo muntu isisulu ebesixoxa naye kwi-App.

“Uthe abahambe amyise kulo muntu abekhuluma naye, kanti umyisa endlini yesonto ahlala kuyona uma esebenzela eMabopane, ePitoli. Sebefikile khona, umfundisi ufike wakucacisa ukuthi empeleni uyena lo obexoxa nesisulu kwi-App. Uthe ushilo kumfundisi ukuthi yena uneminyaka ewu-16, kodwa ubenyuse iminyaka ngoba i-App ibizomnqabela ukuyijoyina ngoba emncane.

“Ucele umfundisi amphindise emuva ngoba uma efika sekwedlule isikhathi ekhaya, uzoshawa. Umfundisi umesabise ngokuthi ngeke aze amdedele uma engavumi ukuthi baye ocansini. Umtshele nokuthi ngeke kube buhlungu, uzomgcoba uvaselina. Ngenxa yokuthi bese sijahe ukuhamba isisulu, sisaba nokuthi sizoshawa ekhaya, sigcine sivumile,” kusho osondelene nalolu daba.

Kumanje kunemibhikisho yengxeye yamalungu ebandla, efuna kuphindiselwe ejele umfundisi. Umfundisi osolwayo kuthiwa unenkosikazi nezingane, abashiye KwaZulu-Natal. Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthe lolu daba selusenkantolo, kanti necala lavulwa esiteshini samaphoyisa e-Akasia, ePitoli.

Ezisematheni

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...