
UMQONDISI woMnyango wezaManzi nokuQoqwa kweMfucuza, kuMasipala weTheku, uMnu Siyanda Mwelase uthi sebeqashe ungoti kulo mnyango obabhekela izindlela abangazisebenzisa ngenhloso yokonga amanzi eThekwini.
Ezinye zezinhlelo athe banazo ukusebenzisana noMngeni ukubheka lapho kuvuza khona amanzi ngaphansi komhlaba ukuze kuvalwe zonke izindawo ezivuzayo ezisithele kuphinde kuqhutshekwe nokuthi kuphothulwe ukuvalwa kwalezi ezibonakalayo
“Sifuna nokudlulisa ukubonga kakhulu nasezinkampanini esisebenzisana nazo njengomasipala weTheku ekulungiseni indaba yamanzi. Sike sahlangana nazo lezinkampani nabasebenza ukuxhuma amanzi nokulungisa izindawo ezivuzayo kumapayipi, sixoxa ngomsebenzi nezingqinamba abahlangabezana nazo. Konke kuhamba kahle manje ngoba sekukhona nohlelo lokuthi njalo ngenyanga sihlangane nesigungu esiphethe bona abalungisa amanzi ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uyenzeka futhi kukhokhwa ngesikhathi,” esho.
Uthe ukusebenzisana nalesi sigungu kwenze umsebenzi waba lula ngoba yisona esikwaze ukulanda nabanye abenza umsebenzi wamanzi abebesebenzisana nomasipala phambilini ngenhloso yokuphuthumisa umsebenzi. Uveze ukuthi ekuxoxisaneni kwabo nalesi sigungu bafinyelele esinqumweni sokuthi umsebenzi bawandise ngokuthi sibafunele abanye abantu abazosebenza ukuze kusheshe kuphothuleke umsebenzi kuphele nokuvuza kwamanzi. Uthe bavula amathuba okuthi abantu bakwazi nokungena kumasipala basebenze njengoba kunwebeka umsebenzi.
Kwenzeka lokhu nje umasipala usanda kuveza ukuthi usukwaze ukunciphisa izindawo ezivuza amanzi zisuka ku-13 000 ziya ku-3 900. Uthe noma ubukeka umkhulu umsebenzi osuwenziwe kodwa abaziqhenyi ngalokho ngoba isifiso sabo ukuthi igcine ingasekho indawo evuza amanzi kumasipala weTheku. Mayelana nokungakhokhelwa kwabasebenzi bakamasipala emkhakheni wamanzi njengoba kuthiwa osonkontileka babeke phansi amathuluzi ngenxa yakho, uMwelase uyicacisile indaba yakhona.
Uthe ngokwazi kwabo akekho umuntu otelekile kodwa abantu balinde inkokhelo ngenxa yohlelo olusha olusetshenziswa wumasipala oludinga ukuthi isicelo senkokhelo senziwe nge-Internet. Uveze ukuthi inkinga abantu abaningi bebejwayele uhlelo lwakudala lokuletha amaphepha ehhovisi ukuthi asayinwe bese beyakhokhelwa. Uhlelo olusha uthe ludinga izinto eziningi okwenza isicelo senkokhelo singasheshi ukuphumelela uma kukhona okungenziwe kahle. Manje uthe bayabalekelela abantu ukufaka izicelo zabo ukuze basheshe bakhokheleke.
tndlovu@ilanganews.co.za







