Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Usakhala ngezingane ezikhuleliswa ngabantu abadala ungqongqoshe wezempilo

Usakhala ngezingane ezikhuleliswa ngabantu abadala ungqongqoshe wezempilo

by | 1 January 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane, uhalalisele abesifazane abathole izingane kuqala unyaka njengoba ngo-9 ekuseni bese zingu-55. Kuzona ngamantombazane angu-33 nezingane zabafana ezingu-22.


Ukhale kakhulu ngesibalo esiphezulu samantombazane asengabazali njengoba eveze ukuthi kulawa mantombazane kukhona aneminyaka engu-16 angu-4, kube nabaneminyaka engu-17 no-18.

“Kusikhathaza kakhulu ukubona ukuthi izingane ezincane zithola izingane ngalolu hlobo futhi okukhathaza kakhulu iminyaka yobaba balezi zingane,” kusho yena.

Esibhedlela saseThekwini, iMahatma Gandhi Memorial kunentombazane eneminyaka engu-17 ekhuleliswe ngowesilisa oneminyaka engu-26.

Nangokhisimusi kuzokhumbuleka ukuthi ungqongqoshe wayakhala esifanayo ngokukhulelwa kwezingane ezisencane wathi ziningi izinhlaka ezahlukene okumele zibambe iqhaza ukuze kulwiwe nalesi sihlava.

Ingane yomfana ezalelwe esibhedlela esikwaHlabisa ifike emizuzwini emihlanu unyaka omusha uqalile.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Bayanyaniswa nobugebengu abalisa (5) ababulawe eNanda

Bayanyaniswa nobugebengu abalisa (5) ababulawe eNanda

BAYANYANISWA nezigameko zobugebengu nokuhlukunyezwa komphakathi abesilisa abayisihlanu okunezinsolo zokuthi babulawe ngamalungu omphakathi, usukhathele wukubekezelela ukuziphatha kwabo budlabha. Izidumbu zabafi zitholakale zinamanxeba okushaywa nokugencwa enkundleni...

Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

Iqembu Umkhonto weSizwe (MK) Party selimemezele ukuthi usesulise esikhundleni sakhe uDkt Thanti Mthanti obengumgcinimafa-jikelele walo. Leli qembu lithi umholi walo, uMnu Jacob Zuma, uthole incwadi yokwesula kukaMthanti kuleli sonto, futhi wasemukela isicelo sakhe....

Kutholwe izidumbu zabahlanu ‘abasolwa ngobugebengu’ zigengciwe

Kutholwe izidumbu zabahlanu ‘abasolwa ngobugebengu’ zigengciwe

Kutholakale izidumbu zabesilisa ezinhlanu zinamanxeba okugencwa eNanda, eThekwini, eduze kwesikole iNanda Comprehensive High School, namuhla ngoLwesihlanu ekuseni. Ngokombiko wenkampani yonogada ezimele iReaction Unis SA (Rusa) lezi zidumbu zitholwe ngumuntu...