Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Usakhala ngezingane ezikhuleliswa ngabantu abadala ungqongqoshe wezempilo

Usakhala ngezingane ezikhuleliswa ngabantu abadala ungqongqoshe wezempilo

by | 1 January 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane, uhalalisele abesifazane abathole izingane kuqala unyaka njengoba ngo-9 ekuseni bese zingu-55. Kuzona ngamantombazane angu-33 nezingane zabafana ezingu-22.


Ukhale kakhulu ngesibalo esiphezulu samantombazane asengabazali njengoba eveze ukuthi kulawa mantombazane kukhona aneminyaka engu-16 angu-4, kube nabaneminyaka engu-17 no-18.

“Kusikhathaza kakhulu ukubona ukuthi izingane ezincane zithola izingane ngalolu hlobo futhi okukhathaza kakhulu iminyaka yobaba balezi zingane,” kusho yena.

Esibhedlela saseThekwini, iMahatma Gandhi Memorial kunentombazane eneminyaka engu-17 ekhuleliswe ngowesilisa oneminyaka engu-26.

Nangokhisimusi kuzokhumbuleka ukuthi ungqongqoshe wayakhala esifanayo ngokukhulelwa kwezingane ezisencane wathi ziningi izinhlaka ezahlukene okumele zibambe iqhaza ukuze kulwiwe nalesi sihlava.

Ingane yomfana ezalelwe esibhedlela esikwaHlabisa ifike emizuzwini emihlanu unyaka omusha uqalile.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...