Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunxuswa amakhosi nosomabhizinisi ukungenelela kweyabokufika

Kunxuswa amakhosi nosomabhizinisi ukungenelela kweyabokufika

by | 20 January 2026

ISISHOSHOVU esihamba phambili ekuxoshweni kwabokufika abazinze eNingizimu Afrika ngokungemthetho, uMnu Nkosikhona “Phakel’ umthakathi” Ndabandaba, sinxenxa amakhosi ukusukuma abambisane nomphakathi.


Sithi ziningi izinto ezenziwa ngabokufika ezingekho emthethweni, okubalwa kuzona ukuthunjwa kwabesifazane nokushushumbisa izidakamizwa. Sithi kasazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi amakhosi angangeneleli futhi athule kangaka kule mpi.


“INkosi yaKwaMpumuza, eyaseNadi, eyaseMnqobokazi asetshengisile ukuthi kubaluleke kangakanani ukungenelela kwabaholi bomdabu. Amakhosi mawavele, kasisho ukuthi makubulawe noma kushaywe abantu kodwa sithi abantu mabaphindele emazweni abo. ISilo kasikwazi ukukhipha izwi ngaphandle uma amakhosi esukuma, yiwona okumele aye kusona esehlangene njengoba kwenzeka uma kunemikhosi kaZulu,” kuchaza uPhakel’ umthakathi ophinde abe ngumkhuzi webutho laKwaMandlakazi.


Uthi akubone kwenzeka kwabesifazane, bekhonjwa ngeminwe ngesikhathi kunombhikiso obusingethwe wuMkhonto weSizwe Party (MKP) neMarch and March obusesikoleni i-Addington Primary, eThekwini, kumshiye edangele, yingakho esenxenxa ukuba kungenelele nosomabhizinisi. Kule mashi abazali bebekhala ngokuthi kuthiwa isikole sesigcwele kepha izingane zabo zingathathiwe, kugcwele ezabokufika.


“Kubuhlungu ukubona owesifazane ekhonjwa ngeminwe, zikhona izinsizwa zihleli emakhaya, zivinjwe wukuthi kazisebenzi, kazikwazi ukusondela nganeno. Uma kunemicimbi emikhulu yomaskandi bayaphosa omacaphuna kusale, nathi siyabanxenxa ngapha. Kanjalo nalabo abesatshwayo, sicela bazosatshwa ngapha lapho esithi khona sakha isizwe.
“Kumele engabe amadoda asengenelile kule mpi, kungakhiwa ngisho izikole lapho kuzothiwa kungena izingane zaseNingizimu Afrika kuphela. Ngoba ezikoleni zethu kugwazelwa othishanhloko nezigungu ezimele abazali ukuze kungene ezangaphandle ezikoleni zikahulumeni,” esho.


Uphinde wakhala ngabesifazane abeseka abokufika abakuleli ngokungemthetho. “Lokhu kuwukulahleka kwesintu, le nto ifana nokuthi owesifazane athathe athandana naye azohlala naye kubo. Kulaba asebegane abokufika, yibona okumele bahambe baye emazweni abo bayosakhela khona ubuhlobo.


“Njengoba bebavikela kangaka abokufika, kukhomba khona ukuthi babadayisela izidakamizwa, thina sibheke ukuphepha kwezingane zethu ezigcwele imigwaqo yeTheku bona babhikishela iphalishi labo,” kuphetha yena.

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...