Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ukhathazekile umndeni ngonyamalale ngosuku olwandulela uKhisimusi

Ukhathazekile umndeni ngonyamalale ngosuku olwandulela uKhisimusi

by | 31 December 2024

UKHATHAZEKILE umndeni wakwaMjilo, eHlokozi, eHighflats, ngendodakazi yawo uNkz Ayabonga Mjilo (23) egcine ukubonakala ngosuku olwandulela uKhisimusi.

ILANGA libikile nangoMsombuluko ngokunyamalala kwale ntokazi okuthiwa igcine ukubonakala endaweni yokudla eMhlanga Rocks, eThekwini.

Udadewabo ka-Ayabonga, uNkz Zinhle Mjilo, utshele leli phephandaba ukuthi sekuyabakhathaza ukungabikhona komkhondo ngokunyamalala kadadewabo ngoba akayena umuntu ochitha isikhathi eside engaxhumani nomndeni wakhe.


“Unengane eneminyaka emine ehlala kwayise wayo, okungapheli isikhathi eside engakhulumile nayo. Siyacela kwabangaba nolwazi ngokwenzeke kuyena bazise amaphoyisa. Sibikile nasemaphoyiseni aseGreenwood Park, eThekwini,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ucele abangaba nolwazi ngokunyamalala kuka-Ayabonga ukuba baxhumane namaphoyisa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...