Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ukhathazekile umndeni ngonyamalale ngosuku olwandulela uKhisimusi

Ukhathazekile umndeni ngonyamalale ngosuku olwandulela uKhisimusi

by | 31 December 2024

UKHATHAZEKILE umndeni wakwaMjilo, eHlokozi, eHighflats, ngendodakazi yawo uNkz Ayabonga Mjilo (23) egcine ukubonakala ngosuku olwandulela uKhisimusi.

ILANGA libikile nangoMsombuluko ngokunyamalala kwale ntokazi okuthiwa igcine ukubonakala endaweni yokudla eMhlanga Rocks, eThekwini.

Udadewabo ka-Ayabonga, uNkz Zinhle Mjilo, utshele leli phephandaba ukuthi sekuyabakhathaza ukungabikhona komkhondo ngokunyamalala kadadewabo ngoba akayena umuntu ochitha isikhathi eside engaxhumani nomndeni wakhe.


“Unengane eneminyaka emine ehlala kwayise wayo, okungapheli isikhathi eside engakhulumile nayo. Siyacela kwabangaba nolwazi ngokwenzeke kuyena bazise amaphoyisa. Sibikile nasemaphoyiseni aseGreenwood Park, eThekwini,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ucele abangaba nolwazi ngokunyamalala kuka-Ayabonga ukuba baxhumane namaphoyisa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...