Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kunxuswa izinkampani ukufaka isandla ukufukula iNetball

Kunxuswa izinkampani ukufaka isandla ukufukula iNetball

by | 9 October 2025

UNGQONGQOSHE wezemiDlalo KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, usenxuse izinkampani ezizimele ukuba zifake isandla ukuthuthukisa iNetball.

UKhawula ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa iSuper League Grand Finale ezokuba ngoMgqibelo eMhlathuze, eRichards Bay. Lo mqhudelwano udlalwa yibona bonke omasipala besifundazwe. Kusaqalwa amaqembu abewu-40 njengoba manje sekusele amane, azodlala kweyandulela amanqamu.

Ukwethulwa kweGrand Finale kwenziwe ngoLwesine emini eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kanti bebekhona abaqeqeshi bamakilabhu azokube ekhiphana inkani kulo mqhudelwano.

“Sithokoza kakhulu ukuthi lo mqhudelwano uyakhula esifundazweni. Kuqalwe ngo-April njengoba manje sekudlalwa eyamanqamu. Siwumnyango wezemidlalo sijabule kakhulu ukuthi lo mqhudelwano uqhubeka kahle. Besicela izinkampani ezizimele ukuba nazo zifake isandla kulo mdlalo. Baningi abadlali asebekhiqizwe iKwaZulu-Natal.

“Nonyaka sisungule iPremiers Cup ebe elikhulu isasasa. Ngiwafisela inhlanhla wonke amakilabhu azokuba yingxenye yalo mqhudelwano eMhlathuze,” kusho uKhawula.

UMengameli weKZN Netball uGugu Ngema naye uhambe emazwini kaKhawula okuthi bacela abaxhasi. Uthe amakilabhu athwele kanzima ngoba ayazikhokhela ukuhambela imidlalo yeSupe League.

Uthe kulo nyaka babuhlungu ngoba umuntu owasungula imidlalo yeSuper League, uDr Themba Mkhize, usanda kudlula emhlabeni.

Uphethe ngokubanga uMasipala waseMhlathuze ngokuba yingxenye yalo mqhudelwano nonyaka.

Isiyonke imidlalo imi kanje:
Ziphozonke vs Hammarsdale Sunbeams 08h30;
BSS Stars vs Cheetahs 08h30;
Oceans Dolphins vs Cheetahs (Males) 09h50;
Ocean Predators vs Ziphozonke 09h50.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...