Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ufaniswe nesiguli esisegunjini labagula kakhulu umasipala waKwaNongoma

Ufaniswe nesiguli esisegunjini labagula kakhulu umasipala waKwaNongoma

by | 26 November 2024

NGUMNU Mpumelelo Mnguni. UMTHWEBULI NGU: JOHN HLONGWA

NONHLAKANIPHO SHINGA

KWETHULWE umakadebona kwezahulumeni wasekhaya, uMnu Mpumelelo Mnguni njengemeneja kumasipala okumanje abaholi bawo abathathu babhadla ejele. UMnu Mnguni, wethulwe nguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, ngoLwesibili khona KwaNongoma. Kwenzeka lokhu nje izolo bekuvele enkantolo abaholi abathathu balo masipala okuthiwa babekwe amacala angu-57 enkohlakalo okuyimeya kulomasipala uMnu Mshangane Ndabandaba, uMnu Sabelo Nkosi oyisekela lakhe noNkz Babongile Sithole onguSomlomo. Laba baboshwe ngesonto eledlule babingelela inkantolo izolo ngoMsombululo banqatshelwa ibheyili.

UMfu. Buthelezi uchaze isimo sezimali kulomasipala njengesibi kakhulu.
“Lomasipala uqophe umlando omubi ngokuba ngowokuqala ukuthi kuboshwe izikhulu zawo ezintathu kanye kanye. Kuyimanje ucwile esikweletini sika-R16 million,” kusho yena.
UMnu Mnguni onomlando omude komasipala uke wasebenza kulona wakwaNongoma, wasebenza kowesiFunda uThukela, umasipala iNkosi uMtubatuba nabanye.

Uthe naye kusazodinga ahlolisise kahle ukuthi njengoba konakele kangaka nje kulomasipala kumele kuqalwe ngakuphi ukulungisa.
“Imizamo engijwayele ukuyisebenzisa uma ngifika komasipala angeke ilunge lapha. Ngizothatha lonke lelisonto ngihlangana nabaphathi ukuze ngithole kahle ukuthi yini inkinga,” kusho yena.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...