
KUPHELILE ngoFelix Hlophe noMinnie Ntuli ohlelweni lwasekuseni phakathi nezinsuku kwiGagasi FM olubizwa ngokuthiiGagasi Breakfast.
Lo msakazo umemezele izinguquko ezinhelweni zawo ezimqoka olwasekuseni lwantambama phakathi nezinsuku olushayelwa uSphectacular noNaves noSelbeyonce olubizwa ngeGagasi Fastlane.
Esitatimendeni esikhishwe yilo msakazo siveze ukuthi uMinnie usezojoyina uhlelo lwantambana noSphectacular noNaves kuthi uSelbyonce ajoyine olwasekuseni noFelix.
Siqhube ngokuthi lezi zinguquko zihambisana nokuzibophezela kwalo msakazo okuqhubeka nokunikeza abalaleli balo msakazi izinga eliphezulu ngaso sonke isikhathi.
Siqhube ngokuveza ukuthi lezi zinguquko ziza ngesikhathi esikahle kuMinnie njengoba esanda kuqala ikhasi elisha empilweni lokuba umama.
“Lezi zinguquko zizokwakha ubudlelwano obuhle phakathi kwempilo yakhe yangasese nomsebenzi wakhe omdinga ahlale ewumqemane futhi enomfutho,” kusho isitatimende.

Ngakolunye uhlangothi lesi sitatimende siveza ukuthi uSlebyonce oyisihlabani somsakazi lezi zinguquko ziza kahle nakuyena njengoba abalaleli bebehlale bezwakalisa ukumthakasela uma bemuzwa ekuseni kukhona ambambele.
“Ukuhlangana kukaFelix noSelbyonce kuthembisa injabulo, ubumnandi namahlaya ekuseni,” kusho isitatimende.
Ngakolunye uhlangothi lo msakazo uphinde wamemezela ukuthi u-Ashay Sewlal ozakhele udumo ohlelweni iBig Brother Mzansi useyingxenye yawo njengoba ezojoyina uMkay Music noSphokuhle Luthuli ohlelweni lwangezimpelas Umsindo Takeover.
Isikhulu salo msakazo u-Alex Mthiyane uveze ukuthi bahlale bebeka umlaleli phambili.
“Sibonile ukuphawula kwabo njalo uma Selnyonce engena ekuseni kanti siyakholelwa futhi uMinnie uzongena khaxa ohlelweni lwantambama. Kanjalo no-Ashay ukujoyina kwakhe Umsindo Takeover kuzokwengeza esinye i-spice kulolu hlelo,” kusho uMthiyane.







