Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuboshwe ababili kwelokuzama ukubulala umphenyi wakwaSars

Kuboshwe ababili kwelokuzama ukubulala umphenyi wakwaSars

by | 22 December 2024

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal asebophe abasolwa ababili ngecala lokuzama ukubalala kuka-Adv Coreth Naude. UNaude wadutshulwa ngomhla ka-18 kuNtulikazi (July) kulo nyaka ngesikhathi engena kwelinye lamahotela aseMhlanga.

Wakwazi ukuqhubeka angene ngaphakathi ehhotela, wathola usizo nngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela, abasolwa babaleka ngemoto yohlobo lweToyota Corolla.

Amaphoyisa ophiko lweProvincial Serious and Violent Crime, ngaphansi kweMurder and Robbery, ajutshwa ukuphenya ngalesi sigameko. NgoLwesibili amaphoyisa abophe laba basolwa ababili abaneminyaka ewu-28 no-29, eMitchells Plain naseMilnerton eCape Town.

Kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoMsombuluko.

U-Adv Naude ungomunye wabaphenyi bakwaSars odabeni oluthinta ukungakhokhwa kwentela kukasomabhizinisi wodumo, uShawn Mkhize.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...