
UVULELA intsha inkundla yokuveza amakhono ayo umculi kamaskandi ngomcimbi awusungule endaweni yangakubo, uSenzo “Ntencane” Zondi waseShane, eMvoti.
Lo mculi usungule iNtencane Music Festival ezokuba mhla ka-1 kuLwezi (November) eMerthley Lake, eMdlovane. Uthi inhloso yokwenza umcimbi wukuthi kube ngowamakhono ahlukahlukene.
Utshele ILANGA ukuthi kulo nyaka kuzoqala imidlalo yebhola kusukela mhla ka-25 no-26 kule nyanga, bese owamanqamu wenzeke ngosuku lomcimbi. Uthi abenze kahle uzobatholela ithuba lokudlala emaqenjini avelele.
“Isifiso sami wukuthi lo mcimbi kube ngowamakhono, noma ngabe yiliphi. Ngakho-ke ngizowusebenzisela ukusondeza abantu abevelele unyaka nonyaka emikhakheni ehlukene, ukuze bezobheka abangalekelela ngakho entsheni yangakithi eMvoti,” kusho uNtencane.
Uthi bekuyisifiso sakhe sakudala ukuziqalela umcimbi, ukuze asondezele abantu emakhaya. Uthi abantu abaningi basemakhaya abalitholi ithuba lokusizakala emakhonweni nokubona osaziwayo, ngenxa yokuthi ubumnandi benzeka kakhulu emadolobheni.
“Kubalulekile ukuziqalela okwethu singamaciko. Abantu bayasithanda, bayaweseka kakhulu umculo wethu. Ngakho-ke uma ithuba lokubuyisela ngosizo emiphakathini yethu lisavuma, kubalulekile ukuba sibambe iqhaza ngokunika intsha amathuba okuxhumana nabantu esebephumelele.” esho.
Uthi eminyakeni emihlanu ezayo, ufisa lo mcimbi ubalwe nemikhulu esifundazweni. Amathikithi aseyatholakala eComputickets, eShoprite naseCheckers ngo-R150, kanti esangweni azobiza u-R200, awezicukuthwane awu-R650.
Abazoshiyelana inkundla uNtencane, uKhuzani, uMthandeni SK, uLimit, uGatsheni, u-Ali Mgube, uFalabo, uNdoni, uMdumazi, uJaiva, uThandazani, iMithente, uNjoko, uLihle, uKhaza, uThandeka Radebe, uMaganga Thishela, uShenge waseHlalankosi, uGqizile, uBahubhe, uSkweletu, uMjolisi, uMjikelo, uMnikezwa, iThwasa Lekhansela, uMzukulu kaShafuza, uMayoghurt, uFihliskhwele, uMfoka Msezane, uSaliwa, uMkhulekelwa, uJiki-jiki, uSkhenqe, uNjabulo, uMjabulisi, uMnyovu, iMfezemnyama, uDulas, uQoqa, uDizaster, uQaulity Biyela, uMroza, uLuve, Amavikelambuso, uMafikizolo, uNavigator, uBhekihonga, nabanye.







