Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UNtencane nomcimbi wamakhono emaphandleni

UNtencane nomcimbi wamakhono emaphandleni

by | 9 October 2025

UVULELA intsha inkundla yokuveza amakhono ayo umculi kamaskandi ngomcimbi awusungule endaweni yangakubo, uSenzo “Ntencane” Zondi waseShane, eMvoti.

Lo mculi usungule iNtencane Music Festival ezokuba mhla ka-1 kuLwezi (November) eMerthley Lake, eMdlovane. Uthi inhloso yokwenza umcimbi wukuthi kube ngowamakhono ahlukahlukene.

Utshele ILANGA ukuthi kulo nyaka kuzoqala imidlalo yebhola kusukela mhla ka-25 no-26 kule nyanga, bese owamanqamu wenzeke ngosuku lomcimbi. Uthi abenze kahle uzobatholela ithuba lokudlala emaqenjini avelele.

“Isifiso sami wukuthi lo mcimbi kube ngowamakhono, noma ngabe yiliphi. Ngakho-ke ngizowusebenzisela ukusondeza abantu abevelele unyaka nonyaka emikhakheni ehlukene, ukuze bezobheka abangalekelela ngakho entsheni yangakithi eMvoti,” kusho uNtencane.

Uthi bekuyisifiso sakhe sakudala ukuziqalela umcimbi, ukuze asondezele abantu emakhaya. Uthi abantu abaningi basemakhaya abalitholi ithuba lokusizakala emakhonweni nokubona osaziwayo, ngenxa yokuthi ubumnandi benzeka kakhulu emadolobheni.

“Kubalulekile ukuziqalela okwethu singamaciko. Abantu bayasithanda, bayaweseka kakhulu umculo wethu. Ngakho-ke uma ithuba lokubuyisela ngosizo emiphakathini yethu lisavuma, kubalulekile ukuba sibambe iqhaza ngokunika intsha amathuba okuxhumana nabantu esebephumelele.” esho.

Uthi eminyakeni emihlanu ezayo, ufisa lo mcimbi ubalwe nemikhulu esifundazweni. Amathikithi aseyatholakala eComputickets, eShoprite naseCheckers ngo-R150, kanti esangweni azobiza u-R200, awezicukuthwane awu-R650.

Abazoshiyelana inkundla uNtencane, uKhuzani, uMthandeni SK, uLimit, uGatsheni, u-Ali Mgube, uFalabo, uNdoni, uMdumazi, uJaiva, uThandazani, iMithente, uNjoko, uLihle, uKhaza, uThandeka Radebe, uMaganga Thishela, uShenge waseHlalankosi, uGqizile, uBahubhe, uSkweletu, uMjolisi, uMjikelo, uMnikezwa, iThwasa Lekhansela, uMzukulu kaShafuza, uMayoghurt, uFihliskhwele, uMfoka Msezane, uSaliwa, uMkhulekelwa, uJiki-jiki, uSkhenqe, uNjabulo, uMjabulisi, uMnyovu, iMfezemnyama, uDulas, uQoqa, uDizaster, uQaulity Biyela, uMroza, uLuve, Amavikelambuso, uMafikizolo, uNavigator, uBhekihonga, nabanye.

Ezisematheni

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

UBANJWE Obuka, eMelmoth umsolwa obefunelwa amacala okubulala abantu abangu-9 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eSydenham ngo-2021. Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ubanjwe ngoLwesithathu ebusuku wuPhiko lweMuder and Robbery...

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...