Ilanga News
Home 9 Featured 9 Limisiwe iphoyisa elisolwa ngokudlwengula owesifazane

Limisiwe iphoyisa elisolwa ngokudlwengula owesifazane

by | 29 December 2024

LIMISIWE emsebenzini iphoyisa elisesizingeni likaSayitsheni lasewestern Cape njengoba kulindeleke ukuthi libhekane nokuqondiswa izigwegwe ngezinsolo zokudlwengula owesifazane ngoKhisimusi esiteshini samaphoyisa eMalmesbury eCape Town.

Ngokubika kweSABC okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uBrigadier Novela Potelwa uthe izikhulu zamaphoyisa kulesi sifundazwe zisigxekile lesi sigameko sokudlwengula.

Uthe kuyadumaza ukuthi umuntu womthetho okumele ngabe nguyena ovikela umphakathi nguyena osolwa ngezinsolo zalolu hlobo.

Uqhube ngokuthi amaphoyisa azokwenza uphenyo lwangaphakathi ukuze leli phoyisa lithathelwe izinyathelo ezifanele ngalesi senzo salo.

Uveze ukuthi leli phoyisa lisolwa ngokudlwengula owesifazane oneminyaka ewu-41 ubudala ngaphakathi esiteshini emahhovisi abaphenyi.

Leli cala labikwa emaphoyisa lase selikhalelwa ngamasongo kaSgonyela njengoba icala liphenywa i-IPID.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...