Ilanga News
Home 9 Featured 9 Limisiwe iphoyisa elisolwa ngokudlwengula owesifazane

Limisiwe iphoyisa elisolwa ngokudlwengula owesifazane

by | 29 December 2024

LIMISIWE emsebenzini iphoyisa elisesizingeni likaSayitsheni lasewestern Cape njengoba kulindeleke ukuthi libhekane nokuqondiswa izigwegwe ngezinsolo zokudlwengula owesifazane ngoKhisimusi esiteshini samaphoyisa eMalmesbury eCape Town.

Ngokubika kweSABC okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uBrigadier Novela Potelwa uthe izikhulu zamaphoyisa kulesi sifundazwe zisigxekile lesi sigameko sokudlwengula.

Uthe kuyadumaza ukuthi umuntu womthetho okumele ngabe nguyena ovikela umphakathi nguyena osolwa ngezinsolo zalolu hlobo.

Uqhube ngokuthi amaphoyisa azokwenza uphenyo lwangaphakathi ukuze leli phoyisa lithathelwe izinyathelo ezifanele ngalesi senzo salo.

Uveze ukuthi leli phoyisa lisolwa ngokudlwengula owesifazane oneminyaka ewu-41 ubudala ngaphakathi esiteshini emahhovisi abaphenyi.

Leli cala labikwa emaphoyisa lase selikhalelwa ngamasongo kaSgonyela njengoba icala liphenywa i-IPID.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...