
INKAMPANI yokungcwaba yodumo Icebolethu Group isizoba ngabaxhasi abaqavile bomcimbi wodumo weCrown Gospel Awards wanonyaka ozoba ngomhla ka-15 kuNovember eNkosi Albert Luthuli International Convetion Centre eThekwini.
ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi le nkampani eholwa nguSomabhizinisi wesifazane uNkk Nomfundo Mcoyi isayinde isivumelwano sokuxhasa lo mcimbi owasungulwa nguNkk Zanele LaMbokazi Nkambule ngesamba semali elinganiselwa ku-R10 million eminyakeni emithathu ezayo.
Umthombo uveze ukuthi lesi sivumelwano sihambisana nokuthi lo mcimbi wethiwe igama elisha njengoba usuzobizwa ngokuthi Icebolethu Crown Gospel Awards.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini wabe ubizwa ngokuthi SABC Crown Gospel Awards njengoba i-SABC kwabe kuyiyona engabaxhasi abaqavile bayo.
Ethintwa uNonjabulo Mdluli ongomunye wabahleli balo mcimbi akafunanga ukuphumela obala ngabaxhasi njengoba eveze ukuthi bazobamemezela ngokuhamba kwesikhathi njengoba besalinde izivumelwano nezinye izinkampani nezinhlaka zikahulumeni.

Uthe angakusho wukuthi maduze bazowethula ngokusemthethweni lomcimbi bese bevula iwindi lokufakwa kwezingenelo.
Ebuzwa ngoxhaso olufakwe Icebolethu uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalokho okwamanje futhi wanqaba nokuphawula nangokushintshwa kwegama lalo mcimbi.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi ukhuze ibuya ngonyaka owedlule eThekwini njengoba ubusuhlelwa eGoli.
Lo mcimbi ubhekwe ngabomvu njengoba kuzobe sekungokwesithathu wenzeka engasekho umsunguli wawo uNkk LaMbokazi Nkambule.
Kulo mcimbi kusuke kuklonyeliswa abasemkhakheni womculo we-gospel kusukela kubaculi, abasakazi bezinhlelo zalo mcimbi nabanye abathintekayo kulo mkhakha.







