Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sekutholakale imoto okusolwa ukuthi beyihamba amaphoyisa atholwe efile emfuleni

Sekutholakale imoto okusolwa ukuthi beyihamba amaphoyisa atholwe efile emfuleni

by | 1 May 2025


AMAPHOYISA asethole imoto emfuleni iHennops okukholakala ukuthi yiyona ebihamba amaphoyisa amathathu anyamalale ngeledlule, izidumbu zawo zatholwa kuwona lo mfula.

Izidumbu zamaphoyisa angoConstable uLinda Cebekhulu (24), uBoipelo Senoge (20) noKeamogetswe Buys (24) zitholwe nezinye ezimbili kulo mfula oseCenturion, eGauteng, ngoLwesibili.

Kuthiwa lawa maphoyisa ayegcine ukubonakala egalaji lakwa-Engine, eduze naseGrasmere Toll Plaza, emgwaqweni uN1 ngoLwesithathu lomhla ka-23 kuMbasa (April). Kuthiwa abafi babelibangise ePolokwane, eLimpopo, lapho bebesebenzela khona.

Amaphoyisa anethemba lokuthi ukutholakala kwale moto kuzowanika ulwazi ngokuthi kwenzekani kulawa maphoyisa.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...