Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sekutholakale imoto okusolwa ukuthi beyihamba amaphoyisa atholwe efile emfuleni

Sekutholakale imoto okusolwa ukuthi beyihamba amaphoyisa atholwe efile emfuleni

by | 1 May 2025


AMAPHOYISA asethole imoto emfuleni iHennops okukholakala ukuthi yiyona ebihamba amaphoyisa amathathu anyamalale ngeledlule, izidumbu zawo zatholwa kuwona lo mfula.

Izidumbu zamaphoyisa angoConstable uLinda Cebekhulu (24), uBoipelo Senoge (20) noKeamogetswe Buys (24) zitholwe nezinye ezimbili kulo mfula oseCenturion, eGauteng, ngoLwesibili.

Kuthiwa lawa maphoyisa ayegcine ukubonakala egalaji lakwa-Engine, eduze naseGrasmere Toll Plaza, emgwaqweni uN1 ngoLwesithathu lomhla ka-23 kuMbasa (April). Kuthiwa abafi babelibangise ePolokwane, eLimpopo, lapho bebesebenzela khona.

Amaphoyisa anethemba lokuthi ukutholakala kwale moto kuzowanika ulwazi ngokuthi kwenzekani kulawa maphoyisa.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...