Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kutholwe izidumbu zabahlanu ‘abasolwa ngobugebengu’ zigengciwe

Kutholwe izidumbu zabahlanu ‘abasolwa ngobugebengu’ zigengciwe

by | 17 January 2025

Kutholakale izidumbu zabesilisa ezinhlanu zinamanxeba okugencwa eNanda, eThekwini, eduze kwesikole iNanda Comprehensive High School, namuhla ngoLwesihlanu ekuseni.

Ngokombiko wenkampani yonogada ezimele iReaction Unis SA (Rusa) lezi zidumbu zitholwe ngumuntu obeyogibela ibhasi.

IRusa ithi kusolwa ukuthi abafi bebewuhlalise lubhojozi umphakathi njengoba besolwa ngokubamba inkunzi, ukusebenzisa izidakamizwa nokudlwengula.

ILANGA lisendaweni yesigameko, ukuyoqoqa umbiko ogcwele.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...