Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

by | 26 October 2026


KUQHAKANJISWE amagalelo kowagqama ngokusabalalisa inyunyana yothisha nakwezinye izifundazwe ngenxa yokwazi kwakhe ukukhuluma zonke izilimi zakuleli, ngesikhathi engcwatshwa ngoMgqibelo. UMnu Velaphi Ndlovu owayayisekela lowayenguMengameli weNational Teachers Union (Natu) uMnu Sphosethu Ngcobo, kuvezwe umlando wakhe ojulile ekuphakamiseni iNatu. UMengameli weNatu uMnu Sbusiso Malinga, uthe wayehlakaniphe kakhulu uMnu Ndlovu. Uthi ukuhlakanipha kwakhe kuyilekelele kakhulu lenyunyana.


“Ukufika kwakhe kuNatu kwabayisibusiso ngoba usilekelelile ngokufaka inyunyana nakwezinye izifundazwe eqale esifundazweni eMpumalanga, wayikhulisa inyunyana yangena eLimpompo, Eastern Cape nakwezinye izindawo. Ubekwazi nokumela othisha ngendlela enhle emnyangweni wezemfundo esebenzisa ikhono lakhe nokuhleleka eqinisekisa ukuthi isithunzi sobuthishela siyahlonipheka,” kusho uMnu Malinga.

Uthi ukusebenza ngokuzimisela kukaMnu Ndlovu, kubonakale ngokuthi akazange akhishwe ngevoti nasesikhundleni sakhe iminyaka ewu-13 eqhwakele lesi sikhundla, uhlalile waze waziphumela. Uthi lokhu bekukhombisa ukuthi ubuholi bakhe buqotho buyathandwa ngamalungu enyunyana.
“Wayelwela ukuthi iNatu ingagcini kuyinyunyana yakwaZulu-Natal kuphela,” esho. Uthe bashayekile ngokudlula kwakhe emhlabeni. UMnu Ndlovu kuthiwa ugule isikhashana washona.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...