Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

by | 25 October 2026

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle.

Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo yephoyisa lishayiswa kabuhlungu yimoto, esigamekweni esenzeke enxanxatheleni yezitolo eLichtenburg. Ngalo eledlule, kubonakale kwiVideo abantu abebebhikisha enkabeni yeTheku, beshaya umuntu wokufika okuthiwa uphethe ngokushona.

I-SAHRC ithi ifuna kuphenywe ngalezi zigameko ngoba akekho umuntu onelungelo lokuzithathela umthetho ngezandla, kungakhathalekile ubuzwe bakhe. Ithi wonke umuntu unelungelo lokuphila.

“Siyikhomishini siyazigxeka zonke izenzo zodlame, okubalwa nokuhlaselwa kwamaphoyisa. Siyakugxeka nokubulawa kowokufika okuthiwa ubulawe ngababhikishi eThekwini. Ukungaboni ngaso linye ngodaba lokufuduka kwabantu, ukwentuleka kwemisebeni, ubugebengu nokungatholakali kwezidingo akusona isizathu sokususa udlame,” kusho uMnu Wisani Baloyi, okhulumela iSAHRC.

Uthe ikhomishini iyalihlonipha ilungelo labantu lokuhlangana nokubhikisha ukuveza okubakhathazayo, kodwa lokhu kumele kwenzeke ngokuthula, kungabi khona okuphambene nomthetho.

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...