Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Wesatshiswa ngokwenzakaliswa owadlwengulwa ngumngani’

‘Wesatshiswa ngokwenzakaliswa owadlwengulwa ngumngani’

by | 12 March 2025

UFUNA ubulungiswa owesifazane (34) waseVryheid othi wajikelwa ngumngani wakhe wesilisa (38) weminyaka, wamnukubeza ngokocansi, maqede wangaphika, futhi wangakhombisa ukuzisola.

ILANGA likhulume nalo wesifazane eligodliwe igama lakhe ukumvikela, osakhihla isililo sengathi lesi sigameko senzeke izolo, olilandise ngalolu daba athi ugcine esethola izinsongo kwabasondelene nalo wesilisa abakhula naye, bemvimba ukuthi angamvuleli icala.

Uthi lesi sigameko senzeka kwelinye lamahhotela akhona eVryheid ngo-2021, ngemuva kokuthi ekhothe weqisa ezinkambeni zikaFaro, wazumeka.

“Sasinomcimbi i-All White Party, ngakusasa sayoqedela iziphuzo ezazisalile, kwathengwa nezinye. Mina-ke ngaphuza ngeqisa, ngabe sengizumeka, okuyilapho engathathwa khona ngomunye umngani wami wesifazane, wathi angimphelezele aye kwelinye ihhotela elalizolala isoka lakhe elisebenza eMpumalanga. Umngani wethu lo wesilisa (umsolwa) wayekhona emotweni,” esho.

Uthi kulolu hambo waphinde wazumeka, waphaphama sebesehhotela, umngani wakhe owayecele ukuphelezelwa esemtshela ukuthi umsolwa usekhokhele igumbi ayezolala kulo (umgilwa), okuyilapho okwenzeka khona lesi sigameko.

“Wangihambisa kulelo gumbi, lapho engafika ngaziphonsa embhedeni ngingakhumulile nezicathulo. Ngaphaphama phakathi nobusuku ngizwa ukuthi kukhona umuntu ongithintayo kwesingezansi ngasesithweni sangasese, kodwa ngenxa yokuthi ngangiphuze kakhulu ngavele nga zumeka.

“Ngathi uma ngiphaphama ekuseni, ngaqaphela ukuthi kwesingezansi kangigqoke lutho kodwa ngenhla ngangisakugqoke konke. Eceleni kwami kwakukhona u(emgagula ngegama) engagqokile. Ngathi uma ngimbuza ukuthi ungenzeni, wangibuka nje,” esho.

Uthi umsolwa wagcina evumile ukuthi umdlwengulile, wangakhombisa ukuzisola. Uthi obekumenza abe manqika ukuvula icala wukuthi ubethola izingcingo ezimesabisa ngokumenzakalisa uma elivula, nokuthi wayephuzile, engenalo ithemba lokuthi ubulungiswa uzobuthola.

Uveze ukuthi ubhoboke esokeni lakhe ngalolu daba ngonyaka odlule, okuyilo elimelekelele waze wakwazi ukuvula icala, eligcine livuleke ngenyanga eyedlule, lazama (isoka) nokumtholela usizo lokwelulekwa ngokomqondo.

“Sengilivulile icala, bakhona abebengisabisa bethi angilicishe, sixoxisane nomsolwa. Bengingenayo inkinga yokuxoxisana naye ngoba nabakubo ngabatshela ukuthi singaxoxisana kuphela nje uma kuzoba namaphoyisa azolalela esizobe sikukhuluma, okwagcina kungenzekanga” ephetha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCol Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko. Uthe owesilisa oneminyaka ewu-38 uboshwe ngabaphenya amacala ocansi nokuhlukunyezwa kwezingane, wavela kafushane eNkantolo yeMantshi yaseVryheid ngoLwesithathu olwedlule.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...