Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

by | 25 October 2026

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule.

Lokhu kuvele embikweni wakamuva womcwaningimabhuku-jikelele, obuzwakalisa ukungenami ngendlela okuphethwe ngayo imali kulo mnyango, oholwa nguNgqongqoshe uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni). Lo mbiko uthi ukubuyiselwa emuva kwale mali okuthiwa beyibekelwe ukulungisa ingqalasizinda, ukuphakelwa kwezingane ezikoleni nokunye, kukhombisa ukuthi inkulu inkinga ekulo mnyango ohlangothini lokuphathwa kwemali.

Lolu daba lube sobala ngoLwesibili ngesikhathi umnyango uyophendula imibuzo phambi kwekomidi lasePhalamende. Umnyango uveze ukuthi uthole ucwaningomabhuku oluhlanzekile yize ubuyisele ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali ewu-R630 million. USihlalo wekomidi lasePhalamende, uMnu Makhi Feni, uthi lesi senzo somnyango siyadumaza ngoba umnyango unezinkinga eziningi ezidinga ukulungiswa ngemali.

“Awukwazi ukubuyisela imali emuva ekubeni kunomdonsiswano ngezinto ezidinga imali kuwo. Okusikhathaza kakhulu wukuthi le mali bekungeyokwenza izinto ezibalulekile ebezizothuthukisa abafundi. Kulezi zinto sibala ingqalasizinda, wukuthuthwa kwendle, ukukhokhwa kwemali yokusebenza kwansuku zonke yezikole, nokunye okuningi. Sizobhalela umnyango, sifune usicacisele ukuthi kungani ungayisebenzisanga kwezinye izinto le mali kunokuba uyiphindisele emuva,” esho.

Izinyunyana iNational Teachers Union (Natu) neSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu), zisigxekile isenzo somnyango. UNobhala-Jikelele weNatu, uMnu Mathemba Mabija, utshele ILANGA ukuthi ukholwa wukuthi le mali beyingenza omkhulu umehluko ezinkingeni zomnyango.

“Kusiphatha kabi lokhu esikuzwayo ngoba umnyango unezinkinga eziningi kakhulu. Siyakuqonda ukuthi beyibekelwe ukulungisa ezinye izinto, kodwa umnyango unawo amandla okuguqula ukuthi imali isebenze nakwezinye izinto. Umnyango unezinkinga eziningi, sikhuluma nje kunothisha abakhushulelwe ezikhundleni obekumele baqale ngomhla ka-1 kuMfumfu (October) kodwa akwenzekanga lokho ngenxa yemali. Phezu kwalokho, kunothisha abangaqashiwe, othisha basezinkulisa okwathiwa kumele baqashwe ngokuphelele kodwa akukenzeki, obekungalungiswa ngale mali. Okubi wukuthi siyizinhlaka ezibambisene nomnyango besingazi lutho ngalesi sinqumo, sithole sesithola nje,” esho.

Okhulumela iSadtu kuzwelonke uNkz Nomusa Cembi, uthi nabo kuyabadumaza ukuzwa ngalesi sinqumo somnyango.
“Uma ubheka nje ezifundazweni, kunezinkinga eziningi ezithinta ukuqashwa kothisha, yizinsiza zokufunda nokufundisa, nokunye okuningi,” esho.

Ezisematheni

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...