Ilanga News
Home 9 Featured 9 IMeya emkhankasweni wokuqeda ngenkinga yamanzi eMkhanyakude

IMeya emkhankasweni wokuqeda ngenkinga yamanzi eMkhanyakude

by | 21 December 2025

SEKUZOPHENDUKA umlando ukuphuza amanzi nezinkomo endaweni yaku wadi 4 eMyanyisa eMkhanyakude.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba iMeya yesiFunda, uSphile Mdaka eqale uhlelo lokubhekana nengwadla yokuntuleka kwamanzi ezindaweni ezahlukene ezingaphansi koMkhanyakude.

UMdaka uhambele kule ndawo eyobheka ukuqhubeka komsebenzi wokufakelwa kompompi.

Kuvelile lapha ukuthi bangaphezulu kuka-30 ompompi abafakwe ezindaweni ezahlukene zakule ndawo.

Umphakathi wakule ndawo kuvele ukuthi bese kuphele iminyaka engu-19 ulinde manzi njengoba kwafakwa amapayipi ngo-2006 kodwa kwase kuphelela lapho.

Ilungu lomphakathi uNkk Phumzile Mkhabela uthe bayabonga ukuthi ekugcineni bazophila impilo efana neyabanye abantu.

Uveze ukuthi bebephila impilo enzima kuyona yonke le minyaka.

Ekhuluma ebhekise kuMdaka uthe :”Siyabonga kakhulu ukuthi nathi sigcine siluthola usizo lwamanzi kule ndawo. Lokho kusijabulisile kakhulu futhi kusho lukhulu.”

Uthe kuhle ukuthi ukukhala kwalo mphakathi kugcine kufinyelelile lapho obekumele kufinyelele khona.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Lucky Tembe ukuvezile ukuthi beluyinselelo enkulu udaba lwamanzi kule ndawo.

Uthe bebenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi sigcina sitholakala isixazululo senkinga yamanzi kule ndawo.

Ukhale kakhulu ngokuthi inkinga yamanzi idala ukuthi umphakathi uthwale kanzima.

Uveze ukuthi abanye ompompi basazolungiswa baphume amanzi wathi kodwa abasebenzayo bangu-30.

Ubonge ukubambisana okuhle phakakathi komphakathi nehhovisi leMeya ngesikhathi kusalungiswa le ngwadla.

IMeya uMdaka uthe kuseqhulwini kubona ukuqinisekisa ukuthi abantu bakule ndawo bayahlinzekwa ngamanzi.

Uveze ukuthi uhlelo lwabo lokuxazulula inkinga yamanzi luzobonakala ezingxenyeni ezahlukene zaseMkhanyakude.

Ngokusho kukaMdaka zikhona izinselelo eziba khona kukhulunywa ngodaba lokufinyelelisa kwamanzi kubantu.

Yize kunjalo uthe bazimisele ngokuthi le nkinga iphele nje nya eMkhanyakude.

Uzwakalise ukuthi uhlelo abanalo ngelokuqeda nje nya ngendaba yabantu abayokha amanzi emfuleni.

“Lokhu sifisa ukuthi kuphele ngoba sikholwa ukuthi sesiphelile isikhathi salokho,” esho.

Uthe bafuna ukuthi abantu bazi ukuthi amanzi bawalanda kuphi kodwa hhayi emfuleni.

Uhambele nomphakathi waseMhlumeni lapho athembise khona ukuthi nakhona bazoyilungisa inkinga yamanzi.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...