Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone abane engozini yetekisi eMgungundlovu

Kushone abane engozini yetekisi eMgungundlovu

by | 5 August 2025


KUSHONE abantu abane ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo iphaphalaza emgwaqweni, yayoshayisa udonga lwesikole eMngungundlovu.

Ngokusho kwabosizo lokuqala iKwazulu Private Ambulance Service, le ngozi okulimale kabi ababili kwathi abahlanu bathola imihuzukwana, yenzeke emgwaqweni uMpumuza Road.

Okhulumela iKwaZulu Private Ambulance Service, uMnu Craig Botha, uthe kwabalimele kanzima kubalwa nengane eneminyaka ewu-8.

Uthe abalimele bathole usuzo lokwelashwa, base bephuthunyiswa ezibhedlela ehlukene. Amaphoyisa abesaphenya ngembangela yale ngozi.

ISALE ibacake kanje itekisi bemuva kokuphaphalaza, igqingqike, ishayise udonga lwesikole eMgungundlovu.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...