Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wethweswe iziqu emuva kweminyaka ewu-15 ebekezele

Wethweswe iziqu emuva kweminyaka ewu-15 ebekezele

by | 16 May 2025

UKUBEKEZELA kuvune izithelo ezinhle kowesifazane wase-Taylor’s Halt eMgungundlovu, othweswe iziqu ngemuva kweminyaka ewu-15, ezama kungenzeki. Ligcine lifezekile iphupho likaNkz Sibusisiswe Phoswa (36), ngesikhathi ethweswa iziqu ze-Financial Accounting, eDurban University of Technology (DUT) ngoLwesibili.


ILANGA libe nengxoxo ekhethekile noNkz Phoswa oveze ukuthi ubegqugquzelwa ngunina ongasekho, obefundisa kuyona le nyuvesi eyiNhloko eMnyangweni wakwaPublic Management, Law and Economics, ethi ngeke aphume kuyona indodakazi yakhe ingakazitholi iziqu. “Ngibhalise ngo-2009 ngiyokwenza izifundo zeHuman Resource, kwakungesiyo into engangiyiqoke ngoba ngiyithanda, umama wayengafuni sihlale phansi, wayethi funda, okungcono ushintshe usungaphakathi,” esho.


Kuthe sekumele ayokwenza unyaka wesibili, wakhulelwa wabe esephoqeleka ukuba ahlale ekhaya. Ngo-2011 wabuyela esikoleni eseyokwenza iziqu zeFinancial Accounting, ngonyaka wesibili waba nenkinga futhi. “Bengivele ngigule inyanga yonke ngiyohlala esibhedlela, kungatholakali ukuthi ngiguliswa yini, ngiphazamiseke nasezifundweni,” esho.


UNkz Phoswa uthi ngo-2014 ungene ohlelweni lwakwaSassa lokuqashwa kwentsha, wasebenza iminyaka emibili kulona. Kuso leso sikhathi kufike isikhathi sokushada nokwaphetha ukuthi agcine esenezingane ezintathu, kodwa umshado wakhe wagcina uphelile, wahlukanisa nomyeni ngo-2019, uchaza lesi sigaba sempilo njengesibe nzima ngoba izingane bezibheke yena.
“Ngo-2021 waphinde wabuyela enyuvesi eyokwenza izifundo ezabe zisalile. Kuwo lowo nyaka kwashona umama nobeyinsika kuyona yonke into engiyenzayo, ngaphazamiseka,” esho.


Uphinde waqoka ukurejista ngo-2023, waphothula izifundo ebezisele ngo-2024, wathweswa iziqu emagcekeni aseNdumiso, eMgungundlovu, ngoLwesibili. UNkz Phoswa uthi besekusele yena yedwa kubo ongenalo ijazi lemfundo.
“Ngingumagcino ekhaya, kubafowethu ababili abayikazela ngamajazi ezemfundo ngamabili. Nami bengilokhu nginalo ithemba lokuthi izinto zizohlangana njengoba sekwenzekile. Esikuqaphelile wukuthi nomama wathweswa ijazi lakhe lokuqala eseneminyaka ewu-36,” esho. Uthi nohambo lobizo ludlale indima enkulu ekuvulekeni amehlo.


Elandisa ngomuzwa abe nawo ngokubekezela isikhathi eside kangaka uthe: “Ngifikelwe imizwa eminingi, ngiqale ngathi angiyi emcimbini wokuthweswa iziqu. Kodwa kwabuya isithombe sikamama sokuthi ubezosukuma akikize, ejabuliswa wukubona lo mzuzu. Ngagcina ngenze isinqumo sokuthi angiluhambe lolu hambo ayekade elufisa,” echaza nokuthi unina ushone esematasa nePhd.


Lolu hambo uthi belungelula kodwa ukwesekwa akuthole emndenini kwenze izinto zabalula. Eyala abesesimweni esicishe sifane nesakhe uthi: “Mawungazami akukho ozokuzuza, zibuze ukuthi yini engangilahlekela uma ngizama. Yikuphi okungcono ukuzama nokuhlala ugoqe izandla,” kuphetha yena.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...