Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP ithathe iwadi ebelibangwa KwaMhlabuyalingana

I-IFP ithathe iwadi ebelibangwa KwaMhlabuyalingana

by | 13 February 2025

IHLEKA yodwa -IFP ngemuva kokuthatha iwadi ebeyibhekwe ngabomvu ngabamaqembu ahlukene njengoba bekunokhetho lokuchibiyela ku-ward 15, ongaphansi kumasipala uMhlabuyalingana.

Ikhansela kuleli wadi sekunguMnu Kwenzile Bongumusa Mthembu kanti ngempelasonto umongameli we-IFP, uMnu Velenkosini uhambele leli wadi ukuyokhankasela leli qembu.

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe unxuse amakhansela e-IFP ukuthi angajabuleli nje ukukhethwa kepha uma esengamakhansela aqinisekise ukuthi asebenzela abantu abasuke bewakhethile.  

Usho lokhu lapho bekweniwe khona umbuthano walo leli qembu kwaMhlabuyalingana njengoba lilungiselela ukugubha ukuhlanganisa iminyaka engama-50 lasungulwa nguMntwana wakwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ongasekho. I-IFP ihambe phambili ngamavoti angu1327, ANC 834, MK Party 531, NFP 31, AEF 20 kwathi i-ABMM yathola amavoti angu-6.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...