Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP ithathe iwadi ebelibangwa KwaMhlabuyalingana

I-IFP ithathe iwadi ebelibangwa KwaMhlabuyalingana

by | 13 February 2025

IHLEKA yodwa -IFP ngemuva kokuthatha iwadi ebeyibhekwe ngabomvu ngabamaqembu ahlukene njengoba bekunokhetho lokuchibiyela ku-ward 15, ongaphansi kumasipala uMhlabuyalingana.

Ikhansela kuleli wadi sekunguMnu Kwenzile Bongumusa Mthembu kanti ngempelasonto umongameli we-IFP, uMnu Velenkosini uhambele leli wadi ukuyokhankasela leli qembu.

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe unxuse amakhansela e-IFP ukuthi angajabuleli nje ukukhethwa kepha uma esengamakhansela aqinisekise ukuthi asebenzela abantu abasuke bewakhethile.  

Usho lokhu lapho bekweniwe khona umbuthano walo leli qembu kwaMhlabuyalingana njengoba lilungiselela ukugubha ukuhlanganisa iminyaka engama-50 lasungulwa nguMntwana wakwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ongasekho. I-IFP ihambe phambili ngamavoti angu1327, ANC 834, MK Party 531, NFP 31, AEF 20 kwathi i-ABMM yathola amavoti angu-6.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...