Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusolwa ezothando isitshudeni siziphonsa phansi ebhilidini eDUT

Kusolwa ezothando isitshudeni siziphonsa phansi ebhilidini eDUT

by | 21 August 2025

KUSOLWA izinkinga zothando ngesitshudeni saseDurban University of Technology (DUT), esizophonse ebhilidini lenyuvesi ngaphakathi esikoleni ophikweni lwaseSteve Biko, eThekwini, ngoLwesibili.

Ngokuthola kweLANGA, uSphiwokuhle Madela odabuka eNewcastle obenza unyaka wesithathu kwiziqu zeBsc Radiography, uzibulale ngenxa yezinkinga ezingathinti isikole.

Leli phephandaba likhulume nezitshudeni ebezifunda naye nezisondelene nabangani bakhe, eziveze ukuthi ubenezinkinga kwezothando, engaboni ngaso linye nowesifazane abethandana naye osekhulelwe.

Engxoxweni yeLANGA noMengameli wezitshudeni zakulesi sikhungo, iStudent Representative Council, uMnu Solomuzi Zoleka, uthe alikho iqiniso abanalo okwamanje ngalesi sigameko.

“Ngisajube ithimba engisebenzisana nalo ukuba liqoqe kahle umbiko, kodwa esikutholile kubangani bakhe wukuthi ngoMsombuluko ngaphambi kokuba aziphonse ebhilidini, ushilo ukuthi uzozibulala,” kusho uZoleka.

Le nyuvesi izichithile izinsolo ebezisabalele zokuthi uMadela uzibulale ngenxa yezinkinga zokulaxazwa yiNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Okhulumela inyuvesi uMnu Alan Khan uthi lesi sitshudeni besixhaswe yisikhwama semali kahulumeni esiza izitshudeni ezivela emindenini ehlwempu.

Uqinisekise ukuthi kulo nyaka ubexhasiwe lo mfundi, zonke izindleko zokufunda kwakhe okuhlanganisa imali yezifundo neyokuhlala ezindaweni zesikhungo. Uthi imali yokugcina akhokhelwe yona lo mfundi, ikhokhwe ngomhla ka-4 kuNcwaba (August).

“Lokhu kuqinisekisa ukuthi ubengenazo izinkinga zakwaNSFAS. Ngakho-ke lokhu kusho ngokusobala ukuthi lesi sigameko asihlangane noxhaso lwemali oluthinta izifundo zakhe enyuvesi,” kusho uKhan.

Uthi ubezimisele ezifundweni zakhe uMadela, ephasa kahle. Udlulise amazwi enduduzo emndenini, abebemfundisa nakwezinye izitshudeni abefunda nazo.

“Siyanxusa umphakathi ukuba uhloniphe isifo, uyeke ukusabalalisa izithombe nemibukiso yesigameko ezinkundleni zokuxhumana,” esho.

Uthi inyuvesi izonikeza usizo lokwelulekwa ngengqondo izitshudeni ezibone kwenzeka lesi sigameko. Kubikwa ukuthi uMadela uziphonse ebhilidini esitezi sesithathu salesi sikhungo phambi kwezinye izitshudeni, washonela khona lapho. Inyuvesi imise amakilasi ngoLwesithathu, yathi iyazila ngenxa yalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa asaphenya ngokufa kwalesi sitshudeni. Imizamo yokuthola umndeni wakwaMadela, kayiphumelelanga.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...