
USHAYELWE ihlombe umphenyi ngokuzimisela kwakhe ekuphenyeni icala elibucayi, lowesilisa okuthiwa wadlwengula ephindelela indodakazi yesinqandamathe sakhe angayizali, waze wayimithisa.
USgt Siyabonga Buthelezi, ongaphansi kophiko lwamaphoyisa iFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences, eMpangeni, obengumphenyi wecala lokudlwengulwa kwengane ebisiphendulwe isigqila socansi yisoka likanina, ushayelwe ihlombe ngomsebenzi wakhe oncomekayo, njengoba umdlwenguli egwetshwe udilikajele neminyaka eyisihlanu ngaphezulu.
INkantolo yesiFunda saseMpangeni igwebe owesilisa oneminyaka ewu-32 ubudala, ongeke adalulwe ukuvikela isisulu, udilikajele ngecala lokudlwengula neminyaka eyisihlanu ngecala lokunukubeza ngokocansi. Kubikwa ukuthi lona wesilisa ubenobudlelwano bezothando nonina wesisulu, futhi bebehlala ndawonye.
Kuvele ukuthi ngesikhathi ingane iqala ukudlwengulwa, yayineminyaka ewu-13 ubudala. ILANGA lithole ukuthi isisulu, esesineminyaka ewu-18 njengamanje, ingane yaso nowesilisa ogwetshiwe ineminyaka emithathu izelwe. Umthombo weLANGA osondelene nalolu daba, uveze ukuthi umndeni wesisulu ungowokudabuka eNorthen Cape.
Uthi unina wesulu wasilanda sazohlala naye, nesoka lakhe ngenhloso yokuthi sizofunda eMpangeni. Uthi isoka yilona ebelisebenza, futhi londla unina wesisulu obengasebenzi. Uthi ekuhambeni kwesikhathi, unina wesisulu wasiyekisa isikole ngoba ethi kumele sigade ingane yakwabo eyayigula ngaleso sikhathi. Kuvele ukuthi kungaleso sikhathi lona wesilisa wabe eseqala khona ukusinukubeza ngokocansi.
Umthombo uveze ukuthi kwesinye isigameko, umsolwa wadlwengula isisulu unina ekhona esemnyango. Uthi unina waso wangena ngaphakathi endlini wabona obekwenzeka, kodwa wathula, wangasho lutho. Umthombo uveze ukuthi isisulu samtshela unina ngokudlwengu- lwa kwaso, kodwa wangalivula icala.
Uthi ekuhambeni kwesikhathi, ingane ebeyigadwa yisisulu, igcine idlula emhlabeni. Uthi ngaleso sikhathi, isisulu sase sivele sikhulelwe. Utshele ILANGA ukuthi isisulu nonina baphindele eNorthen Cape, ukuyongcwaba ingane okulapho unina omdala wesisulu aqaphela khona ukuthi sizithwele.
Uthi kwathi uma esibuza, sangaphumela obala, saqala ngokuthi sikhuleliswe ngumfana ebesifunda naye. Isisulu size sabeletha ngo-2022, okuwunyaka okwashona ngawo unina. Umthombo uthi kuthe unina wesisulu esefihliwe, ubabekazi waphinde wasihlalisa phansi, esibuza, okulapho siveze khona ukuthi uyise wengane yisoka likanina ebelisidlwengula.
Uthi saveza ukuthi besisaba unina, yingakho singazange sisho kwazise wayazi ngokudlwengulwa kwaso, kodwa icala wangalivula. Size sakhuluma iqiniso ngoba sekudlule unina emhlabeni. USgt Buthelezi, ongumphenyi wecala, uthe lesi sigameko sokudlwengulwa kwesisulu senzeka sineminyaka ephakathi kuka-13 no-15 ubudala.
Uveze ukuthi ngemuva kokuvulwa kwecala, babe sebeqala uphenyo, umsolwa waboshwa engasahlali eMpangeni.
Umphathi wethimba labaphenyi bophiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences, uLt-Col Bongiwe Sosibo, ushayele inhlombe uButhelezi ngokuzimisela kwakhe kuleli cala. Uthi ukuzimisela kwakhe akugcinanga ngokunika isisulu ubulu- ngiswa, kodwa kubuyise ithemba nakwizakhamizi zakuleli ngohlelo lwezobulungiswa lwakuleli.







