Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa i-Afriforum neSolidarity ngokubukela phansi izwe

Kusolwa i-Afriforum neSolidarity ngokubukela phansi izwe

by | 12 March 2025

UMENGAMELi Cyril Ramaphosa usegxeke i-Afriforum neSolidarity ngohambo lwabo lwase-United States of America, ukuyoxoxisana naleliya lizwe ngezinkinga zakuleli.

Usole lezi zinhlangano ngokukwakha itulo nabantu bangaphandle abanamandla, ukubukela phansi isithunzi seNingizimu Afrika.

Ramaphosa uveze lokhu ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende izolo ngoLwesibili. Uveze ukuthi iNingizimu Afrika izimisele ukuqhubeka nobudlelwano bokuhwebelana neMelika.

Ebuzwa ngodaba lothuthuva oluseDemocratic Republic of Congo, uRamaphosa uthe kusasa ngoLwesine iSADC izoba nengqungquthela yokudingida ngesimo sezokuphepha kuleliya lizwe.

Uthe okunye okuzodingidwa kule ngqungquthela wudaba lokuhoxa kwamasosha akuleli atshalwe eDRC ngezamo yokudala ukuthula.

Kuzokhumbuleka emasontweni edlule kushone amasosha akuleli awu-14, okuthiwa abulawe ngamalungu amavukelambuso iM23, khona eDRC.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...