Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UButhelezi uthi kufuneka umfuziselo kaShenge eThekwini

UButhelezi uthi kufuneka umfuziselo kaShenge eThekwini

by | 18 March 2026

NGUMFUNDISI Thulasizwe Buthelezi ephethe umklomelo kaMasipala i-Alfred Duma. okuyiwona odle umhlanganiso.

KUTHULEKE cwaka, kwashuba isimo ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMbadu, KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ethethisa abaholi bomkhandu waseThekwini.

UButhelezi uthe imifuziselo esanda kwembulwa eThekwini, akanankinga nayo, kodwa kayiphelele ngoba kushoda owomuntu obalulekile emlandweni waleli dolobha, eNingizimu Afrika, e-Afrika, nasemhlabeni jikelele. Uthe lowo nguMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi.

UMfu Buthelezi ugcine esenika abantu abebethamele umcimbi wokuklomelisa omasipala abenze kahle isifundo ngokubaluleka kukaMntwana waKwaPhindange-ne, edolobheni iTheku. Kulo mcimbi bekulindeleke ukuba kube khona iMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, ezokwamukela izihambeli ngoba umcimbi ubusedolobheni eliphethwe nguyena, kodwa kwabhalwa ukuthi abantu bazokwamukelwa yiPhini leMeya, uNkz Zandile Myeni, naye ogcine engafikanga. 

Kuze kwasukuma ikhansela laku- ward 26 eThekwini, uMnu Sibusiso Lushaba, lemukela izihambeli. UMfu Buthelezi, ushiye angalazi kubaholi bomkhandlu weTheku, ethi bakhetha iphela emasini.

“Kasinankinga ngomlando kaNelson Mandela no-Oliver Tambo, obekwembulwa imifuziselo yabo kulezi zinsuku. Esikhala ngakho wukuthi kukhona umfuziselo omkhulu oshodayo, ongabe ukhona lapha eThekwini. Amagalelo kaMntwana waKwaPhindangene ayanyathelwa ngamabomu.

“UMntwana ngo-1974, wahlangana noKenneth Kaunda, owameluleka ngokuthi njengoba i-African National Congress (ANC), nePan Africanist Congress (PAC), kwase kuvalwa imilomo wuhulumeni wobandlululo, makasungule inhlangano ezoqhakambisa amasiko, kodwa ibe ihambisa ivangeli lomzabalazo wenkululeko.

“UMntwana waxhumana noTambo, okunguyena owamnika izibusiso zokuthi asungule iNkatha yeNkululeko yesizwe. Bude, futhi bujulile ubudlelwano bukaMntwana noTambo. Nguyena futhi uMntwana owakhankasa kakhulu efuna kukhululwe uMandela ejele.

“Ngomhla ka-29 kuMasingana (January) ngo-1991, eRoyal Hotel, eThekwini, uMntwana waKwaPhindangene, noMandela, basayina isivumelwano okuyisona esacaba indlela kwaze kwaba nokhetho lukazwelonke ngo-1994. Ngawo u-1994, uMadiba wavota oHlange, lapha eThekwini. Ngawo futhi lowo nyaka uMntwana waKwaPhindangene, wavota eMlazi, khona lapha eThekwini.

“Yiwona mphako engikunika wona Khansela Lushaba, ukuthi uyotshela ozakwenu ukuthi, bayilungise le nto. uyadingeka umfuziselo woMntwana waKwaPhindangene, lapha eThekwini,” kusho uMfu Buthelezi.

Kubalulwe ukuthi ngesikhathi kuneziteleka zakwaMagenqe (Corobric), zango-1983, kwalandwa uMntwana ukuba ayobhula umlilo. Kulo mcimbi kutshakadule omasipala basemakhaya ngoba oMasipala i-Alfred Duma yiwona odle umhlanganiso, wathola u-R1, 5 milion.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...