Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kutholwe izidumbu okusolwa ukuthi ngezamaphoyisa anyamalele

Kutholwe izidumbu okusolwa ukuthi ngezamaphoyisa anyamalele

by | 29 April 2025

KUTHOLWE izidumbu ezintathu emfuleni iHennops River eCenturion okusolwa ukuthi ezimbili zazo ngezamaphoyisa amabili kwamathathu anyamalale ngoLwesine olwedlule elibangise eLimpopo lapho ebesebenza khona.


Bekungaqinisekiswa ukuthi izidumbu ngezobani kanti abotakulo bebesacinga njengoba kunenkolelo yokuthi kungenzeka ukuthi kunesinye isidumbu sesine kulo mfula. Izidumbu ezitholakele kuthiwa ngezabesilisa ezimbili nesisodwa sowesifazane.


Kuthiwa oConstable uLinda Cebekhulu (24), uBoipelo Senoge (20) noKeamogetswe Buys (24) bebesuka eFree State, kanti bagcine ukubonakala egalaji lakwa-Engine, eduze naseGrasmere Toll Plaza, emgwaqweni uN1 ngoLwesithathu lomhla ka-23 kuMbasa (April).


Kunemibiko ethi esinye salezi zidumbu sitholwe emotweni eduze komfula kanti esinye ngesomlungu.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...