Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kutholwe izidumbu okusolwa ukuthi ngezamaphoyisa anyamalele

Kutholwe izidumbu okusolwa ukuthi ngezamaphoyisa anyamalele

by | 29 April 2025

KUTHOLWE izidumbu ezintathu emfuleni iHennops River eCenturion okusolwa ukuthi ezimbili zazo ngezamaphoyisa amabili kwamathathu anyamalale ngoLwesine olwedlule elibangise eLimpopo lapho ebesebenza khona.


Bekungaqinisekiswa ukuthi izidumbu ngezobani kanti abotakulo bebesacinga njengoba kunenkolelo yokuthi kungenzeka ukuthi kunesinye isidumbu sesine kulo mfula. Izidumbu ezitholakele kuthiwa ngezabesilisa ezimbili nesisodwa sowesifazane.


Kuthiwa oConstable uLinda Cebekhulu (24), uBoipelo Senoge (20) noKeamogetswe Buys (24) bebesuka eFree State, kanti bagcine ukubonakala egalaji lakwa-Engine, eduze naseGrasmere Toll Plaza, emgwaqweni uN1 ngoLwesithathu lomhla ka-23 kuMbasa (April).


Kunemibiko ethi esinye salezi zidumbu sitholwe emotweni eduze komfula kanti esinye ngesomlungu.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...