Ilanga News
Home 9 Featured 9 Siyanyuka isibalo samasosha akuleli abulawa eDRC

Siyanyuka isibalo samasosha akuleli abulawa eDRC

by | 28 January 2025

SESFINYELELE ku-13 isibalo samasosha akuleli e-SANDF asebulewe eGoma eMpumalanga yaseDemocratic Republic Congo.

Lokhu kulandela ukuthi kuphinde kubulawe amane njengoba iqhubeka impi neqembu lezixhwanguxhwangu elibizwa ngeM23.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngempelasonto kubulawe amasosha akuleli awu-9 njengoba siqhubeka nokwenyuka isibalo kwazise kunasalimele kanzima ngenxa yale mpi.

Ngakolunye uhlangothi iyaqhubeka ingcindezi yokuthi umengameli awahoxise la masosha eDRC.

Ikomidi lezokVikela ePhalamende liveze ukuthi lilinde ungqongoqshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga alethe umbiko ukuze likwazi ukucacisa ngesinqumo salo.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...