Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Udilikajele kuthisha owadlwengula itshitshi libuya eMhlangeni

Udilikajele kuthisha owadlwengula itshitshi libuya eMhlangeni

by | 19 November 2025

UGIXATSHEZWE udilikajele uthisha wezibalo waseBizimali High School, KwaNgono, eNkandla, olahlwe yicala lokudlwengula itshitshi elaliphuma eMkhosini woMhlanga, eminyakeni emibili edlule.

USiboniso Dlomo (34) ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseNkandla ngoLwesine. Ikhipha isigwebo imantshi,
ithe uSiboniso akafanelwe wukugcinwa phakathi kwamalungu omphakathi, ikakhulu izingane.

Lesi sigameko senzeka ngoMandulo (September) wango-2023. Uyise wesisulu wafonela uSiboniso, emcela ukuba amthathele indodakazi yakhe, ayibeke emqashweni eyayihlala kuwona ngenhloso yokusondelela isikole. Kuthiwa wavuma ukuthatha isisulu, kodwa wangasiyisa lapho siqashe khona, wayosinukubeza ngokocansi. Isisulu singumfundi esikoleni ayefundisa kusona.

Umdlwenguli nesisulu bangabokuzalwa eMakhabeleni, eKranskop. Ekhuluma neLANGA uyise wesisulu, eligodliwe igama lakhe ukuvikela isisulu, uthe umndeni ugculisekile ngesigwebo esikhishwe yinkantolo.

“Kusukela ekuqaleni icala, lisangena enkantolo yaseKhombe, sasivele sikusho ukuthi sifuna anikwe udilikajele. Kubuhlungu akwenza enganeni yami, maqede waqamba amanga, wathi lokhu akwenzile wakwenza ngoba bethandana.

“Sinethemba lokuthi uzothola isifundo, kanjalo nabanye othisha abalala nezingane zesikole. Thina sithuma izingane ukuba ziyofunda, bona bafike baziphendule abafazi,” esho.

Ubonge ukwesekwa ngamalungu omphakathi.

“Amalungu omphakathi, omakhelwane, onomehlo, abamele izintombi nezinyane likaMdlokombane uMukelile Zulu, bahambisane nathi kwaze kwaba lufika esiphethweni lolu daba. Nakuba liphothulwa namuhla leli cala, kodwa besesiphelile wukukhokha imali yokugibela, kwesinye isikhathi kufike kuthiwe liyahlehla, kodwa kasiphelanga amandla.”

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...