
KUZODABUKA imbadada emcimbini wengoma yaseNdwendwe ezoba ngeSonto enkundleni yezemidlalo eNqabeni. Le ngoma yasungulwa ngonyaka 2016, ibanjwa minyaka yonke ezigodini ezahlukene ngokumbambisana noMasipala waseNdwendwe.
UMnu Mandlonke “Thobela” Mdima oyisekela likasihlalo wengoma, utshele ILANGA ukuthi intaka ibekelwe amazolo ngeSonto. “Selufikile usuku kubo bonke abathandi bengoma esinwa ngevolo.
Sigqugquzela umphakathi wonke waseNdwedwe nabathandi bengoma ukuba baphume ngobuningi babo bezobona amagoso egida ingoma. Kungakuhle kakhulu ukuba kushaye ihora leshumi ekuseni ukuze bezokwazi ukupha amehlo kukhona konke okuzobe kwenzeka.
Inkundla izovulwa yizintombi okuyizona eziqala kuqala bese kulandela izinsizwa. Sizophinde sikhangise ngezinsizwa ezizobe zicuphe ngendlela engajwayelekile. Empeleni nje kuyolamula ukushona kwelanga zichuthana ngengoma. Le ngoma igqugquzela ukuzwana nokwazana kwabantu baseNdwedwe namaphethelo,” kusho uMdima.
IMeya yaseNdwedwe uMnu Sam Mfeka uthe nakanjani bazobe bekhona emcimbini. “Lo ngomunye wemicimbi ebungazwa minyaka yonke. Lo mcimbi ugquguzela ukuzwana kwabantu okuyinto esiyigqugquzela kakhulu siwumkhandlu. Ukuhlangana kwabantu ngale ndlela kuqeda nezimpi zezigodi okuye kwenzeka zibe khona. Siyayeseka kakhulu le nto eyenziwa la, siyafisa abantu baphume ngobuningi bezobona amagoso eqhudelana ngengoma. Amakhosi angaphansi komkhandlu waseNdwedwe ayaweseka kakhulu umcimbi ngoba ugqugquzela ubunye nokuzwana,”esho
Phakathi kwezigodi okulindeleke ziqhudelane singabala uMzunga, Ntshingisandla, Njinga, iBhubesi, iThunzi, Madunywana, Phewa namanye amaningi.







