Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 OwaseSikhaleni uzoqhakambisa umculo kaMntwana uMagogo e-Algeria

OwaseSikhaleni uzoqhakambisa umculo kaMntwana uMagogo e-Algeria

by | 15 April 2025

UZIZWE ethobekile umculi wakuleli othole isimemo sokuba ayoqhakambisa amagalelo nomculo kaMntwana uMagogo kaDinuzulu Zulu e-Algeria.

UNkz Nonzwakazi Maphumulo (32) ongowokuzalwa eSikhaleni, eMpangeni utshele leli phephandaba ukuthi uzobamba iqhaza emcimbini waminyaka yonke eBoualem Nessaih Opera House of Algeria.

Uthe ngomhlaka 17 kuMbasa (April) kophezulu uzobe eqala ukuqhudelana nezinye izingwazi zemizwilili ephuma kwamanye amazwe okubalwa kuwona iJapan, i-Angola namanye. UMntwana uMagogo okungunina kaMntwana Mangosuthu Buthelezi ongumsunguli we-IFP futhi obengundunankulu wesizwe samaZulu isikhathi eside.

UMntwana uMagogo waziwa kakhulu ngokuthi wayeyiciko elinezwi elimtoti ewukhonzile umculo opholile futhi oculwa ngesintu. UNkz Maphumulo utshele ILANGA ukuthi uzobe engaqali ukuhambela kwamanye amazwe ngenxa yomculo njengoba usebuya naphesheya kwezilwandle. Maningi amaculo kaMntwana uMagogo ayewacula kanti amanye awo aselungiswe kabusha ngonjiniyela bomculo.

Elinye lamaculo kaMntwana uMagogo elinesihloko esithi; ‘uyingcwele’ lijwayele ukudlalwa emicimbini kahulumeni wesiFundazwe iKwaZulu-Natal. Leli culo likhonzwe kakhulu nguNdunankulu waseKZN, uMnu Thami Ntuli. UNtuli waqala ukudlala leli culo eseyimeya kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo.


“Akuyona into encane ukucula ngenhloso yokuba ngikhombise abantu bangaphandle kwakuleli ngekhono likaMntwana uMagogo ngenxa yohambo lwakhe emculweni. Ngizofika kuleliya lizwe ngicule amanye amaculo akhe aselungiswe kabusha. Lena yingqungquthela yamazwe amaningi lapho khona kuzobe kuqhudelana imizwilili eminingi ezobe imele amazwe ayo. Nakuba ngikubona kuyijoka elinzima leli, ngiyaqhubeka nokuzilungiselela futhi ngiyazethemba,” kuphetha uNkz Maphumulo.

Ezisematheni

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

UZIBULALE ngokuzidubula ngesibhamu umfundi (16), kamatikuletsheni, obanjwe nguyise ukuthi ukhulelwe. Kubikwa ukuthi uNkz Sisanda Zulu (16), wakwaL, Olundi, obefunda eGqokamandla High School, uzibulale ngemuva kokuba engafunanga ukuphumela obala ngokukhulelwa kwakhe....

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

NGUNKZ Mbalu Shinga onguSihlalo weNFP KwaZulu-Natal noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni. AMLAHLE wonke amacala abethweswe wona uSihlalo weNFP ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga, owanqaba...