Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzohlomula izakhamizi ngengqalasizinda kwiLembe

Kuzohlomula izakhamizi ngengqalasizinda kwiLembe

by | 1 June 2026

IZOQINISEKISA ukuthi afinyelela kwizakhamizi ezingaphezu kuka-87 000 ezingaphansi kukaMasipala wesiFunda Ilembe indawo yokuhlanza amanzi iMvoti Water Treatment.

Lokhu kuvele ngeledlule ekupheleni kwesonto eledlule ngesikhathi iSekela leMeya uMnu James Gabangani Van Whye ngokubambisana noSomlomo woMkhandlu uNkk Dolly Shandu behambele kule ndawo beyohlola ukuqhubeka komsebenzi njengoba yalima eminyakeni eyedlule. Kubikwa ukuthi le ndawo yalimala kanzima ngesikhathi sezikhukhula zika-2022, yangabe isakwazi ukuhlinzeka ngamanzi izakhamizi. UVan Whye uthi amanzi azofinyelela emphakathini kungekudala.


“Amanzi asekhona lapha ngaphakathi. Ngingaqinisekisa ukuthi emasontweni amabili noma amathathu ezayo amanzi azobe esehlanzekile afakwa kwizigcinimanzi zethu, bese edlulela emphakathini. Kulesi sigaba sizokwazi ukuhlinzeka amalitha awu3 million kodwa kuzoqala esinye isigaba ezosinika amalitha awu7 million okuzokwenza sihlinzeke umphakathi ngamalitha awu-10 million,” esho.


Khonamanjalo, iMeya yalo mkhandlu uMnu Thobani Shandu uqinisekise ukuthi umkhandlu nomphakathi uphasise isabelomali sikaR1,9 billion kunyakamali ka2026/27. UShandu uthi uR1,6 billion uzobhekelela ukusebenza komkhandlu nokuqhuba izinhlelo zentuthuko ezivele ezikhona. Uthi uR366,6 million uzotshalwa ekwakhiweni kwengqalasizinda entsha sha nasekulungiseni ekhona njengamanje, bese uR164 million usetshenziswe ekulungiseni impahla kamasipala

Ezisematheni

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

KALIKHO iqembu elizowina udede, liphathe lodwa kuMasipala weTheku okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kuvezwe wucwaningo oluqhutshwa yiMark Data Poll, olucwaninga ngemiphumela yalolu khetho komasipala abahlukene. Ucwaningo...