Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Abakwa-Gems batakule abagijimi abaswele

Abakwa-Gems batakule abagijimi abaswele

by | 12 June 2026

ABAKWAGEMS okuyinhlangano yezempilo (Medical Aids) babaziqhenya ngokuba usizo kwiComrades Marathon.

IGems isebenzisana neComrades Marathon ukusiza abasubathi abaya kwiComrades Marathon ngendawo yokulala (Runners Village).

IComrades Marathon yanonyaka izokube ngeSonto isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu kanti kuzokube kuwumjaho ka-99.

IGEMS ingena kwiComrades ngokusiza abasubathi abaswele ngendawo yokulala kusuka ngoMgqibelo nangeSonto ngemuva komjaho kwazise umjaho uphela sesihambile isikhathi, abanye abasubathi basuke benganazo izinto ezizobathatha zibayise emakhaya.

UDr Vuyo Gqola oyiChief Operations Officer ((COO) utshele ILANGA ukuthi bajabule ngokusebenzisana neComrades Marathon ukusiza abagijimi abantulayo.

“Phambilini abagijimi bebelala emgwaqweni ngenxa yokuswela imali yokukhokhela amahotela nokunye. Sibe sesingenelela njengenhlangano esebenzisana nabasebenzi bakahulumeni ukuba sisize nge-runners village.

“Sisiza labo basubathi abangenayo indawo yokulala. Sibanika ukudla, indawo yokulala ephephile nakho konke abangase bakudinge ukuze nabo bazizwe bengabantu. Bafika ngoMgqibelo baze bahambe ngoMsombuluko.

Kubasubathi abawu-22 000 abangenele iComrades kwiVillage sinabawu-800 kuya ku-1000 esizobasiza kulo mjaho.

Nangonyaka ozayo sizokube siyingxenye yayo i-runners village,” kusho uDr Vuyo oqhube wathi bajabule ngokufaka isandla kulo mjaho.

SiyiGems siyaziqhenya ngemuva kokuba omunye wabagijimi ababelele eRunners Village uuNjabolu Mdletshe ogijimela iBlack Diamond wangena unombolo 16 kwiComrades.

UKuba wayelele emgwaqweni kwakuzokuba nzima kakhulu kuyena. Nginethemba lokuthi ukhona umgijimi ozokwenza kahle,” kuphetha uDr Vuyo.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...