
UVEZE imfihlo yakhe yokulingisa indawo kaMkabayi emdlalweni iShaka Ilembe uThandeka Dawn King ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwalo mdlalo obuseSibaya Casino ngoLwesihlanu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngamakhosi akulesi sifundazwe, izimeya, amakhansela nabalingisi balo mdlalo.
UThandeka ngesikhathi ekhuluma kulo mcimbi uveze ukuthi ukudlala indawo kaMkabayi kayifani nezinye aseke wazidlala kweminye imidlalo kamabonakude.
Uthe okwenza indawo kaMkabayi ihluke wukuthi indawo yomuntu oke waphila futhi onesithunzi sakhe esikhona emhlabeni.
Uthe ngenxa yalokhu kudingeke ukuthi abe nohlelo lwakhe oluhlukile ukuze akwazi ukuxhumana naye ngokomoya ukuze akwazi ukuyidlala ngokusezingeni le ndawo.
“Bekumele ukuthi njalo ngaphambi kokuthi siqale ukuqopha ngibe nendlela engizoxhumana naye ukuze akuqonde ukuthi sengikhona futhi ngivusa umoya wakhe,” kusho le ntandokazi yomlingisi.
Esekhuluma neLANGA eceleni ngemuva kokuba amakhosi ethole ithuba lokubuka isiqephu sokuqala salo mdlalo uThandeka uthe abantu kumele bakuqonde ukuthi bonke abalingisi balo mdlalo badlule ezigabeni ezinzima.
“Uyabona lo mdlalo ube nzima kakhulu kithina njengabalangisi ikakhulukazi ngokomonya, njengoba mina ngiwumuntu wedlozi. Ngakho imimoya ephila kimina bekumele ikwazi ukuxhumana nowakhe uMkabayi ukuze kuphume le nto abantu abazoyibona kulo mdlalo,” kusho uThandeka njengoba kulindeleke ukuthi iqale ngeSonto kumabonakude kuMzansi Magic isizini yesibili yalo mdlalo.
UThandeka empeleni ukuthandile okushiwo uNgqongqoshe wezohulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuka KwaZulu Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi ukuthi kumele bonke abalingisi balo mdlalo bathole ithuba lokuya emanxiweni alabo abebebalingisa ukuze bakwazi ukuqonda nokuthola inhlambuluko.
“Ngokwami bengizothi sonke njengbalingisi ngemuva kwalo mdlalo umausuphothuliwe sithole ithuba lokuthi siyohlanjululwa sihlanzwe imimoya yalaba bantu ebesibalingisa ngoba bayaphila kithina,” kusho uThandeka ekuveza ukuthi ukulungisa kulo mdlalo kuthathe isibindi nobuqhawe kubona ngoba balingisi abantu abangamadlozi kweminye imizi.
“Kweminye imizi izindawo ebesizidlalo uma kushiswa impepho emsamo kubizwa bona.
Uyakuqonda ke ukuthi bekungezona nje izindawo zokudlala lezi kodwa besithinta amadlozi abantu, okuyinto engelula,” esho.
Uthe nakuba kunjalo kodwa ukuthokozele ukuqopha isizini yesibili yalo mdlalo futhi unethemba ukuthi ababukeli bazokuthokozela ukuyibona.
Lo mdlalo uchazwe njengomqoka esizweni samaZulu njengoba ususelwa empilweni yeLembe eleqa amanye amaLembe uShaka othathwa njengombumbi wesizwe samaZulu.







