
USEQUBE komakhelwane owesifazane waseMzinyathi ngaseNanda oxoshwe kubo ngoba bemsola ngokuthi uvulele umfowabo icala lokunukubeza indodakazi yakhe eneminyaka ewu-12.
Unina wengane ongeke adalulwe ukuvikela indodakazi yakhe, kuthiwa uxoshwe kubo ngemuva kokuboshwa kukamfowabo, oshaqwe ngamaphoyisa ngempelasonto emuva kokumvulela icala lokudlwengula. Ngokuthola kwaleli phephandaba, isigameko senze ngeledlule, ingane ibhoboke kunina kulandela ukuba eyiphose imibuzo ngoba eyibona ingekho esimeni esikahle.
Kuthiwa umsolwa uboshwa nje, ubengaqali ukusoleka ngalo mkhuba njengoba naphambilini eke wanukubeza, kodwa kwangenela umndeni njengoba icala lagcina lingavulwanga. Ekhuluma naleli phephandaba unina wengane, uthi isono sakhe esiholele ukuba axoshwe kubo ukuthi uvulele umfowabo icala lokunukubeza ingane.
Elandisa ILANGA, uthe lesi sigameko senzeke engekho esesontweni izingane zisele noninalume. “Ngalolu suku eyenzeka ngayo ngabuya nganganaka ukuthi khona okungahambi kahle enganeni. Ngiqale ukuqaphela phakathi nesonto ingane ibuya esikoleni ikhala ngekhanda. Ngiyinike amaphilisi yalala kodwa yavuke ingeyinhle kahle. Ngikhulume nayo ukuba ingichazele ukuthi kwenzakaleni yangafuna ukukhuluma. Ngize ngabiza nomunye umama wakwamakhelwane ukuthi angibhekise ukuthi ngabe yini inkinga, ngoba ibivele ikhale, igcine isitshelile ukuthi uninalume uyinukubezile ngosuku engangiye ngalo esontweni. Siye kobika udaba emaphoyiseni, ingane yayiswa kudokotela kwabe sekuvulwa icala. Kudlule usuku wabe eseboshwa umfowethu,” esho.
Eqhuba uthi uthe uma ebuya emuva kokuba eseboshiwe umfowabo, ilungu lomndeni lambuza ukuthi ubengayisho ngani le nto ukuze umndeni uzohlala phansi uyilunguse kungaze kufakwe amaphoyisa. “Lisuke lapho langitshela ukuthi ngiphume ngiphele ekhaya, ngingaphinde ngibuye ngoba le nto bekumele ixoxwe ngaphakathi emndenini ingaze ifinyelele emaphoyiseni. Ngikhuluma nawe nje ngiqubiswe ngomakhelwane ngoba bebona isimo engibhekene naso. Kangisakwazi nokuye ekhaya ngoba ngisukumele indaba lokunukubezwa kwendodakazi yami,” kusho unina wengane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko washo ukuthi amaphoyisa obophe owesilisa ngecala lokudlwengula, kulindeleke ukuba avele enkantolo khona maduze.







