Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kuzoshuba kwiBig Brother Mzansi

Kuzoshuba kwiBig Brother Mzansi

by | 12 January 2025

LUCKY CAIN

KONKE sekumi ngomumo ngohlelo lukamabonakude lokuhlanganisa abantu abangazani bahlale endlini eyodwa izinyanga ezintathu, olubizwa ngokuthi yiBig Brother Mzansi, olukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli iChannel 198.


Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa namhlanje ngeSonto lapho kuzobe kwethulwa abazobe belungenele kulo nyaka. Kulindeleke ukuthi kule sizini yesihlanu yalolu hlelo kushube njengoba isiqubulo salo nyaka sithi Umlilo. Lubuya nomethuli omusha uSmash Africa ongena ezicathulweni zikaLawrence Maleka obekunguyena obelwethula phambilini.

IBig Brother Mzansi isikhiqize iqwaba yosaziwayo njengoba phakathi kwalabo abaqale ukuzakhela udumo kulolu hlelo kubalwa uSol Phenduka ongumsakazi weKay FM, Thato osengumsakazi weMetro FM, Ntombi no-Ace, Themba Broly osenohlelo lwakhe kumabonakude nabanye.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uMcJunior odabuka eBulwer nguyena odle umhlanganiso kulolu hlelo. Kubhekwe ukuthi imithetho iqine kulo nyaka njengoba ngonyaka owedlule lolu hlelo lwaba sematheni kulandela ukuba nezigameko zokunukubeza ngokocansi ezagcina ziholele ekutheni kukhonjwe indlela omunye wababelungenele.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...