Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kuzoshuba kwiBig Brother Mzansi

Kuzoshuba kwiBig Brother Mzansi

by | 12 January 2025

LUCKY CAIN

KONKE sekumi ngomumo ngohlelo lukamabonakude lokuhlanganisa abantu abangazani bahlale endlini eyodwa izinyanga ezintathu, olubizwa ngokuthi yiBig Brother Mzansi, olukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli iChannel 198.


Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa namhlanje ngeSonto lapho kuzobe kwethulwa abazobe belungenele kulo nyaka. Kulindeleke ukuthi kule sizini yesihlanu yalolu hlelo kushube njengoba isiqubulo salo nyaka sithi Umlilo. Lubuya nomethuli omusha uSmash Africa ongena ezicathulweni zikaLawrence Maleka obekunguyena obelwethula phambilini.

IBig Brother Mzansi isikhiqize iqwaba yosaziwayo njengoba phakathi kwalabo abaqale ukuzakhela udumo kulolu hlelo kubalwa uSol Phenduka ongumsakazi weKay FM, Thato osengumsakazi weMetro FM, Ntombi no-Ace, Themba Broly osenohlelo lwakhe kumabonakude nabanye.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uMcJunior odabuka eBulwer nguyena odle umhlanganiso kulolu hlelo. Kubhekwe ukuthi imithetho iqine kulo nyaka njengoba ngonyaka owedlule lolu hlelo lwaba sematheni kulandela ukuba nezigameko zokunukubeza ngokocansi ezagcina ziholele ekutheni kukhonjwe indlela omunye wababelungenele.

Ezisematheni

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...