Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lenyukile izinga lokufa kwabesilisa ngo-2022

Lenyukile izinga lokufa kwabesilisa ngo-2022

by | 3 September 2025


IGauteng neKwaZulu-Natal yizona zifundazwe ezihamba phambili ngokwezibalo zokufa kwabantu. Lokhu kuvele embikweni wakamuva we-Stats SA, wocwaningo mayelana nokufa kwabantu ngo-2022.

Kulo mbiko kuvela ukuthi isibalo esiqoshiwe eMnyangweni wezaseKhaya, sabantu abashonile ngo-2022, siwu-486 041. Lesi sibalo se-hlile uma kuqhathaniswa nesango-2021 lapho kwaqoshwa khona u-620 394.

Kukholakala ukuthi ukwehla kwalesi sibalo kungenxa yokudamba kobhubhane iCovid-19. Ingxenye enkulu yalesi sibalo sabashone ngo-2022, kubikwa ukuthi ngabantu abadala abaphakathi kweminyaka ewu-65 kuya ku-69 (41 760); kulandele abaneminyaka ephakathi kuka-60 kuya ku-64 (40 774); kube ngabaneminyaka epha-kathi kuka-70 kuya ku-74 (40 340).

Abaneminyaka ephakathi kweyisihlanu kuya kweyisishiyagalolunye yibona abayingcosana esibalweni sabashone ngo-2022 (2 700). Ngokobulili, ocwaningweni kutholakale ukuthi lenyukile izinga labesilisa abashonile ngo-2022 uma kuqhathaniswa nango-2021.

Ngakolunye uhlangothi sehlile isibalo sabesifazane abashonile ngo-2022 uma kuqhathaniswa nango-2021.
Abantu abamnyama yibona abanesibalo esiphezulu sabashonile ngo-2022, kanti veleke yibona abaningi kakhulu ezweni. Babalelwa ku-335 049 abamnyama abashonile.

Kulandela abamhlophe ngo-46 204; kuze amaKhaladi ngesibalo esiwu-37 137, bese kuba ngamaNdiya-37 137. Nokho kunengxenye yabantu ababalelwa ku-55 346 okungacacisiwe ukuthi bangobaluphi uhlanga.

Ingxenye enkulu yalaba bantu abashonile kubikwa ukuthi ishone eGauteng, kulandele iKwaZulu-Natal, ne-Eastern Cape. INorthern Cape yiyona esinesibalo esincane kakhulu sabashone ngo-2022.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...