Umholi we-EFF, uMnu Julius Malema utshengise ukuzwelana nendodakazi yowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, oxoshwe yiqembu likayise iMKP, izolo ngoLwesine.
UZuma-Sambudla uxoshwe yileli qembu nalowo obengumkhulumeli walo uMnu Nhlamulo Ndhlela. UNobhala-jikelele waleli qembu uMnu Sibonelo Nomvalo, umemezele ukuthi iMKP ithathe isinqumo sokuxosha laba ngemuva kwezigameko zokungaziphathi kahle nokungawuhloniphi umthethosisekelo weqembu. Ngemuva kokuxoshwa kwabo uMalema unikele enkundleni yokuxhumana iX (Twitter), wazwakalisa ukuzwelana noZuma-Sambudla.
“Akukho okusha kulokhu, nawe bewulokhu ukubona kwenzeka. Ngeke ngikucele ukuthi qina kulesi sikhathi ngoba ngiyakwazi ukuthi uqinile, unesibindi,” esho.
UZuma-Sambudla naye unikele khona ezinkundleni zokuxhumana waveza ukuthi noma bangamxosha eqenjini kodwa umlando wakhe uyohlezi ukhona kulo.
“Bangangixosha njengelungu leqembu, bangephuce ubulungu bami kodwa ngeke bakususe emlandweni weqembu ukuthi ngingomunye wabasunguli balo,” esho.







