Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sesiyinyelele ku-16 isibalo sababhubhe emlilweni osha eLos Angeles

Sesiyinyelele ku-16 isibalo sababhubhe emlilweni osha eLos Angeles

by | 12 January 2025

Sesifinyelele ku-16 isibalo sabantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile ngenxa yomlilo osha ubuhanguhangu eLos Angeles, e-United States of America, oqale ngoLwesibili.

Lo mlilo osushise imizi engaphezulu kuka-12000 ushiye inqwaba yabantu dengwane, kanti abantu abawu-13 bebengakatholakali.

Izicishamlilo bezisaqhubeka nokusebenzisa amabhanoyi ukuthela amanzi kulo mlilo. INational Weather Service yakhona eMelika ikhiphe isexwayiso ngomoya okulindeleke ukuba uqinise kusukela namuhla ngesonto, ongenza ukuthi umlilo ubhebhetheke kakhulu.

Izakhamizi ezingaphezulu kuka-153 000 seziyalelwe ukuba zisuke emizini yazo, ziye/ziyiswe endaweni ephephile kanti kulindelwe ukuba senyuke isibalo sabashonile.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...