Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sesiyinyelele ku-16 isibalo sababhubhe emlilweni osha eLos Angeles

Sesiyinyelele ku-16 isibalo sababhubhe emlilweni osha eLos Angeles

by | 12 January 2025

Sesifinyelele ku-16 isibalo sabantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile ngenxa yomlilo osha ubuhanguhangu eLos Angeles, e-United States of America, oqale ngoLwesibili.

Lo mlilo osushise imizi engaphezulu kuka-12000 ushiye inqwaba yabantu dengwane, kanti abantu abawu-13 bebengakatholakali.

Izicishamlilo bezisaqhubeka nokusebenzisa amabhanoyi ukuthela amanzi kulo mlilo. INational Weather Service yakhona eMelika ikhiphe isexwayiso ngomoya okulindeleke ukuba uqinise kusukela namuhla ngesonto, ongenza ukuthi umlilo ubhebhetheke kakhulu.

Izakhamizi ezingaphezulu kuka-153 000 seziyalelwe ukuba zisuke emizini yazo, ziye/ziyiswe endaweni ephephile kanti kulindelwe ukuba senyuke isibalo sabashonile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...