Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezobuchwepheshe 9 Bayomela elakuleli abafundi berobhothi lamanzi

Bayomela elakuleli abafundi berobhothi lamanzi

by | 13 August 2025

BASEMKHANKASWENI wokunqoba ngamaqhinga abo abafundi abasungule irobhoti eliyisikebhe, elikhuculula udoti emanzini olwandle.

Abafundi base-Adams College, eThekwini, uSnazo Mtshali (16) no-Elihle Msomi (16), abenza uGrade 11 kulesi sikole, bayomela iNingizimu Afrika, eSweden, kuyona le nyanga, emncintiswaneni obizwa ngeStockholm Junior Water Prize.

Lo mncintiswano uqalwe nyakenye wuMnyango wezaManzi nokuKhucululwa kweNdle kuzwelonke. Uqale emazingeni ezifunda, kwaqokwa abahambe phambili, kwabe sekulandelwa ngokuqhudelwana ngokwezifundazwe.

Abafundi base-Adams badle umhlanganiso, sekuncintisana izifundazwe.

USnazo Mtshali uthi bekungelula ukwakha irobhothi elihamba emanzini, kodwa ngenxa yokuthi bazimisele kakhulu ezincwadi zabo, njengoba isikole sabo sigxile kakhulu kwisayensi nobuchwepheshe,bakwazile ukufezekisa isifiso sabo sokufika ezingeni likazwelonke.

“Basilekelelile kakhulu othisha ngesikhathi siqala lo msebenzi. Umnyango wezamanzi nawo usisizile njengoba sisesigabeni sokuya eSweden, kwazise njengamanje sesiyomela iNingizimu Afrika,” esho.

Uthi ngesikhathi uqalwa umncintiswano, ububizwa ngeSouthern African Youth Water Prize. Uthi bazolifulathela elakuleli mhla ka-22 kwephezulu, babuye mhla ka-29 kuyona le nyanga.

“Siyavotelwa kulo mncintiswano, kodwa kuvotwa online,” esho.

Uthi leli robhoti liqoqa udoti phansi emanzini ukuze kuvikeleke izilwanyana ezihlala khona, nendlela yokuveza ukuhlanza amanzi uma usuqoqekile udoti. Uthi konke lokhu bakwenze ngamasu obuchwepheshe.

“Lo mncintiswano ukhuthaza kakhulu intsha ukuba iqhamuke namasu okuxazulula izinkinga zamanzi,” kusho uSnazo.

Ngesikhathi benqobe ezingeni lesifundazwe, bahlomule u-R6 000 nemifundaze ezobafundisa emanyuvesi akuleli uma sebephothule umatikuletsheni. Ezingeni likazwelonke bahlomule u-R15 000, no-R10 000 umuntu ngamunye, obhekelela uhambo
lwabo, namathikithi ohambo. Phesheya kubekwe umklomelo wemali enkulu.

Ukuvotela laba bafundi, ungena kule link: https://stockholmwaterfouncation.org/stockholm-junior-water-price/community/vote/#slide12827

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...