
ISAZOQHUBEKA nokubala izinsimbi zesicabha sesitokisi inkosi yesizwe saKwaNxamalala, eMpendle, eshaqwe ngamaphoyisa ophiko oluphenya amacala athinta ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
INkosi Simphiwe Eric Zuma (56) ibhekene necala lokubulala uMnu Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela le-DA futhi engusotswebhu kuMasipala uMngeni. Umufi ungumshana wayo le nkosi.
Bahlanu sebebonke abasolwa kuleli cala – abanye ababoshiwe nguMnu Thobani Hlongwa, nguMnu Khayelihle Shabalala, yinduna yaseMpophomeni uMnu Zwelithini Buthelezi, noMnu Thabo Mathonsi okuvela ukuthi wahlela ukubulawa kuka mufi esejele laseWestville.
Umndeni wakwaNdlovu uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwesibalo sabantu abaphumela obala ngokweseka inkosi. Inkosi uZuma iboshwa nje, ibisanda kudedelwa ngebheyili ka-R25 000 njengoba ibhekene nelinye icala lokubulala uMnu Qalokunye Zuma owayengundunankulu wesizwe sayo.
Inkosi yadedelwa ngebheyili emuva kokufika kosopolitiki abahlonishwayo kuleli enkantolo yaseMpendle, okuyilapho okuqulwa khona icala lokubulawa kukandunankulu wayo. Enkantolo umbuso uveze ukuthi unabo bonke ubufakazi kuleli cala okuhlanganisa nezinkulumo eziqoshiwe inkosi eyayizikhuluma neboshwe nabo. Kulapho khona inkosi yadalula ukuthi inezinkomo eziwu-500, izimbuzi eziwu-30, undlunkulu oyedwa kanye nezingoduso ezine okuhlanganisa nezingane.

ISITHOMBE NGU:PHUMLANI GAMA
Namuhla iNkantolo yeMantshi yaseHowick iveze ukuthi inqume ukulihlehlisa leli cala ngoba kulindwe izitatimende ezifungelwe zabameli benkosi. Icala lizoqhubeka ngoLwesihlanu oluzayo okuyilapho khona kuzolalelwa izethulo zabameli nezombuso.
UMnu Tallman Zuma, ongundunankulu wesizwe saKwaNxamalala, uthe okwamanje isizwe silawulwa yizinduna zezigodi.
Uthe ngeke baphumele obala ngokuthi inkosi iyazana naleli cala noma cha, kodwa bazolinda isinqumo senkantolo.
“Ekuqaleni sagcwala izitaladi ngoba sidinwa wukuthi inkosi iboshwe ngendlela engahloniphekile. Yayiboshwe isemkhandlwini, kuqulwa amacala. Kube ncono okwamanje ngoba iboshwe isemzini wayo,” kusho uZuma.
Umholi we-DA esifundazweni, uMnu Francious Rodgers, obuye abe nguNgqongqoshe wezeMali eKZN uthe kubaphathe kabi ukuhlehliswa kwaleli cala.
“Kasifuni ukuthi sigcine sesivela njengabantu abangalungile ngoba thina sifuna kuphothulwe lolu daba ngokushesha. Abantu abayisihlanu ababoshiwe kufanele bashushiswe kudlule kubona, kufinyelelwe kwabanye abangakaboshwa ngoba thina sinenkolelo yokuthi kabaphelele. Kusenosomabhizinisi okufanele baboshwe kulolu daba,” kusho uRodgers.







