Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lihlehlile elenkosi esolwa ngokubulala ikhansela leDA

Lihlehlile elenkosi esolwa ngokubulala ikhansela leDA

by | 8 August 2025


ISAZOQHUBEKA nokubala izinsimbi zesicabha sesitokisi inkosi yesizwe saKwaNxamalala, eMpendle, eshaqwe ngamaphoyisa ophiko oluphenya amacala athinta ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

INkosi Simphiwe Eric Zuma (56) ibhekene necala lokubulala uMnu Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela le-DA futhi engusotswebhu kuMasipala uMngeni. Umufi ungumshana wayo le nkosi. 

Bahlanu sebebonke abasolwa kuleli cala – abanye ababoshiwe nguMnu Thobani Hlongwa, nguMnu Khayelihle Shabalala, yinduna yaseMpophomeni uMnu Zwelithini Buthelezi, noMnu Thabo Mathonsi okuvela ukuthi wahlela ukubulawa kuka mufi esejele laseWestville. 

Umndeni wakwaNdlovu uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwesibalo sabantu abaphumela obala ngokweseka inkosi. Inkosi uZuma iboshwa nje, ibisanda kudedelwa ngebheyili ka-R25 000 njengoba ibhekene nelinye icala lokubulala uMnu Qalokunye Zuma owayengundunankulu wesizwe sayo.

Inkosi yadedelwa ngebheyili emuva kokufika kosopolitiki abahlonishwayo kuleli enkantolo yaseMpendle, okuyilapho okuqulwa khona icala lokubulawa kukandunankulu wayo. Enkantolo umbuso uveze ukuthi unabo bonke ubufakazi kuleli cala okuhlanganisa nezinkulumo eziqoshiwe inkosi eyayizikhuluma neboshwe nabo. Kulapho khona inkosi yadalula ukuthi inezinkomo eziwu-500, izimbuzi eziwu-30, undlunkulu oyedwa kanye nezingoduso ezine okuhlanganisa nezingane. 

WUBUHOLI beDA KwaZUlu-Natal namalungu omndeni kamufi, ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseHowick.
ISITHOMBE NGU:PHUMLANI GAMA

Namuhla iNkantolo yeMantshi yaseHowick iveze ukuthi inqume ukulihlehlisa leli cala ngoba kulindwe izitatimende ezifungelwe zabameli benkosi. Icala lizoqhubeka ngoLwesihlanu oluzayo okuyilapho khona kuzolalelwa izethulo zabameli nezombuso. 

UMnu Tallman Zuma, ongundunankulu wesizwe saKwaNxamalala, uthe okwamanje isizwe silawulwa yizinduna zezigodi. 
Uthe ngeke baphumele obala ngokuthi inkosi iyazana naleli cala noma cha, kodwa bazolinda isinqumo senkantolo. 

“Ekuqaleni sagcwala izitaladi ngoba sidinwa wukuthi inkosi iboshwe ngendlela engahloniphekile. Yayiboshwe isemkhandlwini, kuqulwa amacala. Kube ncono okwamanje ngoba iboshwe isemzini wayo,” kusho uZuma. 

Umholi we-DA esifundazweni, uMnu Francious Rodgers, obuye abe nguNgqongqoshe wezeMali eKZN uthe kubaphathe kabi ukuhlehliswa kwaleli cala.

“Kasifuni ukuthi sigcine sesivela njengabantu abangalungile ngoba thina sifuna kuphothulwe lolu daba ngokushesha. Abantu abayisihlanu ababoshiwe kufanele bashushiswe kudlule kubona, kufinyelelwe kwabanye abangakaboshwa ngoba thina sinenkolelo yokuthi kabaphelele. Kusenosomabhizinisi okufanele baboshwe kulolu daba,” kusho uRodgers. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...