Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Bebefunelwa uxhaxha lwamacala’ abafe bedubulana namaphoyisa

‘Bebefunelwa uxhaxha lwamacala’ abafe bedubulana namaphoyisa

by | 20 March 2025

YIMOTO iWV Polo (ebomvu) ebihamba abasolwa abane abafe ngemuva kokudubulana nabakwaSidlolo ngoLwesine, eduze kwaKwaMashu.

KUVELA ukuthu bebefunelwa inqwaba yamacala abasolwa abane abafe emva kokudubulana namaphoyisa emgwaqweni uDumisani Makhaye ngaKwàMashu.

Phakathi kwamacala okuthiwa bebefunelwa wona, kubalwa awokubulala, awokubamba inkunzi nawokufuna imali ngempoqo kubantu. Kudingeke ukuthi zijikiswe izimoto ezisebnzisa lo mgwaqo njengoba ubuvaliwe.

UColonel Amanda Funani, ekhuluma nabezindaba endaweni yesigameko, uveze ukuthi amaphoyisa abevele ebalandela abasolwa, behamba ngeVW Polo ebomvu, besuka KwaMashu, okuthe uma ebamisa, badubula bebhekide kuwona.

Uthi amaphoyisa abe esephindisela. Abathathu kubasolwa bafele emotweni, kwathi oyedwa waphuma wabaleka kodwa waphelela endleleni.

UCol Funani uthe emotweni kutholakale izibhamu ezimbili, kwathi esesithathu satholakala kumsolwa ozame ukubaleka.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...