Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Bebefunelwa uxhaxha lwamacala’ abafe bedubulana namaphoyisa

‘Bebefunelwa uxhaxha lwamacala’ abafe bedubulana namaphoyisa

by | 20 March 2025

YIMOTO iWV Polo (ebomvu) ebihamba abasolwa abane abafe ngemuva kokudubulana nabakwaSidlolo ngoLwesine, eduze kwaKwaMashu.

KUVELA ukuthu bebefunelwa inqwaba yamacala abasolwa abane abafe emva kokudubulana namaphoyisa emgwaqweni uDumisani Makhaye ngaKwàMashu.

Phakathi kwamacala okuthiwa bebefunelwa wona, kubalwa awokubulala, awokubamba inkunzi nawokufuna imali ngempoqo kubantu. Kudingeke ukuthi zijikiswe izimoto ezisebnzisa lo mgwaqo njengoba ubuvaliwe.

UColonel Amanda Funani, ekhuluma nabezindaba endaweni yesigameko, uveze ukuthi amaphoyisa abevele ebalandela abasolwa, behamba ngeVW Polo ebomvu, besuka KwaMashu, okuthe uma ebamisa, badubula bebhekide kuwona.

Uthi amaphoyisa abe esephindisela. Abathathu kubasolwa bafele emotweni, kwathi oyedwa waphuma wabaleka kodwa waphelela endleleni.

UCol Funani uthe emotweni kutholakale izibhamu ezimbili, kwathi esesithathu satholakala kumsolwa ozame ukubaleka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...