
INKANTOLO eNkulu esePretoria iluhlehlisele uLwesithathu lomhla ka-16, icala lowangungqongqoshe wezokuvikela kuleli, wabuye waba ngusomlomo ePhalamende, uNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula (osesithombeni).
Usebenkantolo izolo ngoLwesithathu ngamamacala ayi-12 enkohlakalo nokukhwabanisa. Utshele iNkantolo esephekwa ngemibuzo ukuthi usezizwa engaphilile, wacela ukuyobona udokotela, kwaphoqeleka ukuthi icala liguqe.
Usolwa ngokuthi, esengungqongqoshe wayefuna “amantshontsho”, egwazisa abantu abanamathenda, abawathola emnyangweni wakhe. Yena uyakuphika lokhu, kodwa uthi kukhona abantu ababemnika “izipho”, kodwa hhayi imali.
Umyeni wakhe, uMnu Charles Nqakula, owake waba yinxusa, nomholi weSouth African Communist Party (SACP), ubekhona enkantolo eyomeseka.







