Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ayaqhubeka nokungena amazwi enduduzo ngokudlula kwenkakha

Ayaqhubeka nokungena amazwi enduduzo ngokudlula kwenkakha

by | 17 April 2025

AYAQHUBEKA nokudluliswa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwenkakha yomlingisi uDon Mlangeni Nawa odlule emhlabeni ngoLwesithathu ekuseni.

Zishaqise abaningi izindaba zokudlula emhlabeni kukaBra Don njengoba ebeteketiswa kanjalo ngozakwabo. Inkampani iMultichoice eyengamele iziteshi ezahlukene zikamabonakude okubalwa neMzansi Magic nayo idlulise amazwi enduduzo ngokushona kwale nkakha.

Le nkampani iqhakambise uBra Don ngekhono lakhe alikhombise emidlalweni ekhonjiswa eziteshini zayo okubalwa kuyo iThe River, The Throne, Rockville, Legacy, Shaka Ilembe neminye. Imchaze njengomunye wabalingisi abahamba phambili eNingizimu Africa.

“Ubengeyena nje umlingisi kodwa ubeyinkakha yeciko, umsebenzi wakhe ozikhulumele wona eqhakambisa izindaba zaseMzansi,” kusho isitatimende esikhishwe yile nkampani.

“NjengeMultichoice siyazigqaja ngokuba ibalazwe abeqhakambisa ngalo ubuciko bakhe futhi sawabona amagalelo akhe nangokukhuthaza abalingisi abasebasha,” kuveza isitatimende.

Siqhube ngokududuza umndeni nokufisela umphefumulo wakhe uphumule ngokuthula. Inkampani ekhiqiza umdlalo iShaka Ilembe iBomb Productions nayo idlulise amazwi enduduzo emndenini wale nkakha.

“Sidumele ngokudlula kwenkakha yomlingisi uDon Mlangeni. Sizomkhumbula ngokulingisa kwakhe ngendlela esezingeni indawo yeNkosi Langa onguyise kaZwide kwiShaka Ilembe,” kusho u-Angus Gibson onguMqondisi noMdidiyeli walo mdlalo okulindeleke ukuthi ukhuze ibuya maduze.

Uqhube ngokuthi uDon ubengeyena nje umlingisi onethalente eliyisimanga kodwa ubeyinkakha yalo mkhakha. “Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani nabo bonke ababenenhlanhla yokusebenza naye,” kusho uGibson ephetha ngokuthi uzohlala njalo ekhunjulwa ngokuzinikela kwakhe kulo mkhakha.

UBra Don uzokhumbuleka ngokudlala izindawo ezahlukene kumabonakude okubalwa kuzo uLaqhasha kwiSgud’Snaysi, uDavid kuBambo Lwami, uMhlongo kuHlala Kwabafileyo, Bra Zeb on Isidingo nakweminye imidlalo.

Ubalwa nabanye abalingisi abakwazile ukuyibamba ishisa kulo mkhakha njengoba ebengumuntu okwaziyo ukuzomela futhi engancethezi kulo mkhakha. Lokhu kufakazelwe uTshepo Nzimande oke wasebenza naye ngesikhathi esalingisa kuHlala Kwabafileyo.

UNzimande umchaze njengomuntu obengancethezi futhi ewamela amalungelo akhe.

UNzimande ukhumbule indlela uBra Don axoshwa ngayo kwiSidingo njengoba kwavela ukuthi wenqaba ukulingisa indawo eyayihambisana nesikhangiso sebhange elikhulu lakuleli.

Kulesi sigameko uBra Don kwavela ukuthi wanqaba ukudlala le ndawo kwaba sekuwukukhonjwa kwakhe kulo mdlalo.

UNzimande uveze ukuthi lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ubewuhlobo olunjani lomuntu uBra Don.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...