Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lihlehlisiwe icala likaPhakelumthakathi

Lihlehlisiwe icala likaPhakelumthakathi

by | 8 April 2026

UVELE kafushane enkantolo yaKwaNongoma uNkosikhona “Phakela’ uMthakathi” Ndabandaba osolwa ngecala lokuphazamisa abokufika ezitolo zabo, okwenze omunye wabo wamvulela icala.

Ekhuluma neLANGA uthe uyile enkantolo kodwa icala lahlehliselwa umhla ka-22 kuNhlaba (May). Ukujabulele uyijabulele indlela abaphume ngayo ukuyomeseka, athi kukhomba ngokusobala ukuthi abantu bakhathele wukuhlukunyezwa.

“Abantu esikhulume nabo bazwakalise ukukhathazeka ngokuthi izingane zabo ziyisulu zezidakamizwa ezizithola kubona laba bantu bangaphandle, okugcina sekwenza izingane ziziphathise okwezilwane,” esho.

Kusabalale izithombe ezinkundleni zokuxhumana, abantu beviliyela KwaNongoma, bethi kabafune lutho oluzothinta uPhakela.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...