Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

by | 19 May 2026

ZIBUKEKA kanjena izikhibha ze-IFP ezokhankasa ngazo njengoba kuza ukhetho luHulumeni baseKhaya.

ISIGUNGU esiphezulu seNkatha Freedom Party (IFP) sesithathe isinqumo sokuthi kusetshenziswe ubuso boMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi noMengameli wayo wamanje, uMnu Velenkosini Hlabisa, emkhankasweni woKhetho loHulumeni baseKhaya.

Kuke kwabanemvunge kwamanye amalungu e-IFP, ethi uShenge nguyena osebenzele iqembu isikhathi eside futhi ungumsunguli walo, angeke ashiywe ngaphandle noma engasekho emhlabeni.

UHlabisa uthi uMntwana wakugunyaza ukusetshenziswa kokuso bakhe (uHlabisa), emikhankasweni yeqembu, engakadluli emhlabeni ngo-2023. Uthi wakhethwa ngo-“elethu” ukuthi ahole iFP, ngo-2019. Ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho lukaZwelonke lwango-2024, i-IFP yayikhankasa ngabo bobabili uButhelezi noHlabisa.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...