Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

by | 19 May 2026

ZIBUKEKA kanjena izikhibha ze-IFP ezokhankasa ngazo njengoba kuza ukhetho luHulumeni baseKhaya.

ISIGUNGU esiphezulu seNkatha Freedom Party (IFP) sesithathe isinqumo sokuthi kusetshenziswe ubuso boMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi noMengameli wayo wamanje, uMnu Velenkosini Hlabisa, emkhankasweni woKhetho loHulumeni baseKhaya.

Kuke kwabanemvunge kwamanye amalungu e-IFP, ethi uShenge nguyena osebenzele iqembu isikhathi eside futhi ungumsunguli walo, angeke ashiywe ngaphandle noma engasekho emhlabeni.

UHlabisa uthi uMntwana wakugunyaza ukusetshenziswa kokuso bakhe (uHlabisa), emikhankasweni yeqembu, engakadluli emhlabeni ngo-2023. Uthi wakhethwa ngo-“elethu” ukuthi ahole iFP, ngo-2019. Ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho lukaZwelonke lwango-2024, i-IFP yayikhankasa ngabo bobabili uButhelezi noHlabisa.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...