Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ibhola 9 Liphele ngemizuzu yokugcina iphupho lefayineli yawaseMzansi kwiCaf Champions League

Liphele ngemizuzu yokugcina iphupho lefayineli yawaseMzansi kwiCaf Champions League

by | 26 April 2025

UTHAPELO Xoki we-Orlando Pirates ubethwele uthayela kunomoya kuFiston Mayele wePyramids.



KWALE kancane kuqopheke umlando womdlalo wamanqamu wamakilabhu aseNingizimu Afrika kwiCaf Champions League, i-Orlando Pirates iphunyula inyamazane isiyibambile. IBucs idliwe yiPyramids ngo-3-2 emlenzeni wesibili weSemi-final izolo ngoLwesihlanu ebusuku ekuhambeni eGibhithe.

Emdlalweni owandulele lona, iMamelodi Sundowns ivunywe yizinyanya ibambana ngo-1-1 ne-Al Ahly, khona eGibhithe, okuyenze yadlulela kowamanqamu ngomthetho wegoli lasekuhambeni.

Imidlalo yemilenze yokuqala, egijinywe kuleli ngempelasonto edlule, yomibili iphele zibambeni ngo-0-0.

Kuze kwaba Kabili eziMnyama zihamba phambili eGibhithe, obese kusho ukuthi iPyramids kumele ishaye amagoli amabili ukuze inqobe.

URelebohile Mofokeng noMohau Nkota beBucs bakhombise ukuvuthwa beshayela ezabo amagoli, kodwa izitobha zabo zabenzela phansi, zehluleka wukuvala ngendlela emuva.

Emdlalweni weDowns, kusize Umkhonto ogwaze ekhaya sekusele amanenjana umdlalo uphele, umdlalo waphela ngo-1-1, njengoba osokhaya bebehamba phambili ngo-1-0.

NGABADLALI beMamelodi Sundowns bejabula ngemuva kokunqoba ngegoli lasekuhambeni eGibhithe.


Sekulotshiwe ukuthi umdlalo wamanqamu weChampions League uzogijinywa yiSundowns nePyramids ngomhla ka-24 kuNhlaba eNingizimu Afrika, nangomhla ka-1 kuNhlangulana eGibhithe.

Ezisematheni

UThandiswa nefestivali yokubungaza ubuciko namasiko

UThandiswa nefestivali yokubungaza ubuciko namasiko

INKAKHA emculweni uThandiswa Mazwai ithi izizwa ithobekile ngokuqokwa kahlanu kwe-albhamu yayo iSankofa, emcimbini weSouth African Music Awards (Sama) wanonyaka. Le ntokazi ezakhele ugazi ngamanoni esingabala kuwona elithi, "Zabalaza", elithi "Nizalwa Ngobani", elithi...

ISilo uMisuzulu sisolwa ngokuxova isizwe

ISilo uMisuzulu sisolwa ngokuxova isizwe

SINQUNYELWE ugwayi katiki iSilo uMisuzulu kaZwelithini yisizwe sakwaMkhwanazi, KwaMpukunyoni, eMtubatuba, ukuba sihoxise ngokushesha ukuqoka uMnu Qiniso Ncube ukuba yiso laso engxenyeni yendawo yalesi sizwe. Isizwe sithi uma kungenzeki lokhu ezinsukwini ezimbalwa,...

Inomnotho omningi indawo yaseMtuba esikelwe iso leSilo

Inomnotho omningi indawo yaseMtuba esikelwe iso leSilo

NGUMNU uQiniso Ncube, oqokwe yiSilo ukuba yiso lawo eMtubatuba. ISIZWE sakwaMkhwanazi sishaya amakhala ngokugixatshezwa ngomhlaba ononile kukaMnu Qiniso Ncube oqokwe yiSilo uMisuzulu njengeSo laso KwaMpukunyoni, eMtubatuba. Okuthimulisa kakhulu isizwe wukuthi lo...