Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ibhola 9 Liphele ngemizuzu yokugcina iphupho lefayineli yawaseMzansi kwiCaf Champions League

Liphele ngemizuzu yokugcina iphupho lefayineli yawaseMzansi kwiCaf Champions League

by | 26 April 2025

UTHAPELO Xoki we-Orlando Pirates ubethwele uthayela kunomoya kuFiston Mayele wePyramids.



KWALE kancane kuqopheke umlando womdlalo wamanqamu wamakilabhu aseNingizimu Afrika kwiCaf Champions League, i-Orlando Pirates iphunyula inyamazane isiyibambile. IBucs idliwe yiPyramids ngo-3-2 emlenzeni wesibili weSemi-final izolo ngoLwesihlanu ebusuku ekuhambeni eGibhithe.

Emdlalweni owandulele lona, iMamelodi Sundowns ivunywe yizinyanya ibambana ngo-1-1 ne-Al Ahly, khona eGibhithe, okuyenze yadlulela kowamanqamu ngomthetho wegoli lasekuhambeni.

Imidlalo yemilenze yokuqala, egijinywe kuleli ngempelasonto edlule, yomibili iphele zibambeni ngo-0-0.

Kuze kwaba Kabili eziMnyama zihamba phambili eGibhithe, obese kusho ukuthi iPyramids kumele ishaye amagoli amabili ukuze inqobe.

URelebohile Mofokeng noMohau Nkota beBucs bakhombise ukuvuthwa beshayela ezabo amagoli, kodwa izitobha zabo zabenzela phansi, zehluleka wukuvala ngendlela emuva.

Emdlalweni weDowns, kusize Umkhonto ogwaze ekhaya sekusele amanenjana umdlalo uphele, umdlalo waphela ngo-1-1, njengoba osokhaya bebehamba phambili ngo-1-0.

NGABADLALI beMamelodi Sundowns bejabula ngemuva kokunqoba ngegoli lasekuhambeni eGibhithe.


Sekulotshiwe ukuthi umdlalo wamanqamu weChampions League uzogijinywa yiSundowns nePyramids ngomhla ka-24 kuNhlaba eNingizimu Afrika, nangomhla ka-1 kuNhlangulana eGibhithe.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...